Amaphupho S1 Ep18 | Ukuphupha imvu | ukuphupha ushaya umuntu | ukuphupha ugibele imoto egijimayo

Sdílet
Vložit
  • čas přidán 7. 11. 2020
  • Amaphupho S1 Ep18 | Ukuphupha imvu | ukuphupha ushaya umuntu | ukuphupha ugibele imoto egijimayo
    Please Subscribe

Komentáře • 128

  • @ayanda-qb4fm
    @ayanda-qb4fm Před rokem +1

    Sabona Mfundisi .ngiphuphe unkosikazi ejola

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před rokem

      1. *Uma uphupha umuntu wakho;* wuphawu uma umbona ekujolela olungasho ukuthi awumethembeki futhi unokwesabela ukuthi angase ajole nomunye umuntu.
      2. *Uma uphupha umuntu wakho;* wuphawu uma umbona ekujolela olungabuye lusho ukuthi unesikhwele esikhulu futhi uyehluleka ukusifihla.
      3. Futhi *Uma uphupha umuntu wakho;* wuphawu uma umbona ekujolela uma kungukuthi unesiphiwo sokubona izibonakaliso eziqondile futhi ezingadinge kuchazwa, kungenzeka usuke utshengiswa ukuthi kumele umqaphele ngoba angase akujolele kungekudala.
      4. Ngale kwalokho, *Uma uphupha umuntu wakho;* wuphawu uma umbona ekujolela oluhle oluvame ukusho ukuthi yehlisa amaphuphu, ungethuki futhi ungamngabazi ngoba useqotho, unesmilo futhi usathembekile, ungamethemba.

  • @thulanibuthelezi9227
    @thulanibuthelezi9227 Před 4 měsíci

    Kuchaza ukuthin ukuphupha ushaya ubhuti wakho kanye no sisi wakho

  • @thembisilecekiso2406
    @thembisilecekiso2406 Před rokem +1

    Ukuphupha unxibe izihlangu ezingcolile

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před rokem

      1. *Uma uphupha izicathulo;* wuphawu oluhle uma ugqoke izicathulo ezingcolile, noma ezigugile kepha ungenawo amahloni futhi ukhululekile, wuphawu olungachaza ukuzithoba noma intobeko phambi kwabanye abantu.
      Joshua 9:5 and worn-out and patched sandals on their feet, and worn-out clothes on themselves; and all the bread of their provision was dry and had become crumbled.
      2. *Uma uphupha izicathulo;* wuphawu oluhle uma zingcolile zigqoke omunye, kungasho ukuthi lomuntu uyakwesaba, manje uzama ukuzithoba futhi uzokwenza icebo lokuthola uxolo kuwe uma benixabene.
      Joshua 9:13 These wineskins which we filled were new, and behold, they are torn; and these our clothes and our sandals are worn out because of the very long journey.”
      3. Kwesinye isikhathi *Uma uphupha izicathulo;* wuphawu olubi uma zigqoke omunye, olungabuye lusho ukuthi lomuntu kumele umkhulekele ngoba uswele, noma uzobhekana nokweswela okukhulu esikhathini esizayo.
      4. *Uma uphupha izicathulo;* wuphawu olubi uma uqgoke izicathulo ezingcolile futhi ungazizwa kahle, kusho ihlazo, ukusokola, ukweswela, inhlupheko, noma ubumpofu okumele ukhulekele ukukhululwa kubo.
      5. *Uma uphupha izicathulo;* wuphawu olubi uma uzigqokile kepha ungakhululekile futhi ungazizwa kahle; kungasho ukuthi ungase ulahlekelwa wukuzethemba, noma ubanjwe wukugula kungekudala.
      6. *Uma uphupha izicathulo;* wuphawu olubi uma ugqoke izicathulo ezingcolile, kusho ukuhambi kahle kwempilo, nokuthi ungase ubhekane nezinkinga uphinde uthelwe yihlazo ngenxa yezinqumo zobudedengu nobuvila.

  • @mbathasjula6997
    @mbathasjula6997 Před rokem +1

    Ukuphupha ushaya isigici 🎸

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před rokem +1

      1. *Uma uphupha isiginci;* wuphawu oluhle uma udlala isiginci; lusho inhlanhla, nokuthi uzothola umsebenzi obalulekile, ozokusiza ukufeza izinhloso zakho.
      2. *Uma uphupha isiginci;* wuphawu kwesinye iskhathi uma uhlale udlala isiginci; olusho ukuthi kungenzeka unobizo lokusidlala futhi uma ungasidlala uvalelela empilweni.
      3. *Uma uphupha isiginci;* wuphawu oluhle uma udlala isiginci; lungabuye lusho ukuth lindela isikhathi senjabulo, nothando esizayo.
      4. *Uma uphupha isiginci;* wuphawu oluhle uma udlala isiginci; lusho ukuthi uzokuba nethuba elihle lokunqoba zonke izinkinga nezinkathazo empilweni.
      5. *Uma uphupha isiginci;* wuphawu oluhle uma udlala isiginci; lungabika ukwembatha yidlozi.
      6. *Uma uphupha isiginci;* wuphawu olubi kakhulu uma isiginci singenazintambo noma zidabukile; lusho ukuthi ubudlelwane bakho buzophenduka indumalo, injabhiso, nesikhubekiso ungalindele.
      7. *Uma uphupha isiginci;* wuphawu olubi kakhulu uma isiginci siphukile; lusho ukuthi ungase ubanjwe wukugula nezinkinga zezempilo okuzidingeka uzisukumele ngoikushesha.
      8. *Uma uphupha isiginci;* wuphawu olubi uma uzwa umsindo omnandi wesiginci; lusho ukuthi kumele uqaphele umuntu ohlakaniphile ozozama ukukukhohlisa esebenzisa ulimi olumnandi nokuhubhuza amanga.

    • @mbathasjula6997
      @mbathasjula6997 Před rokem

      Ngiyabonga 🙏

  • @nomthandazolusenga9214
    @nomthandazolusenga9214 Před 8 měsíci

    Sawbona pastor ngicela ukubuza kushoo ukthini ukuphupha uthi usushaya umhlahlo

  • @SbongileMhlanga-xc5sf
    @SbongileMhlanga-xc5sf Před 2 měsíci

    Ngcela Kubota kushoni kuphupha umuntfu lowawuthandana naye ekuphakamisa

  • @makhumalokhumalo9407
    @makhumalokhumalo9407 Před rokem

    Siyabonga....ngicela...ukubuza..ukuphupha..ulilo..

  • @noluthandodlamini6390
    @noluthandodlamini6390 Před 2 lety

    Cela ukubuza ukuphupha ngithi thokoza kwi imvu emhlophe ingithobela kungeyesifazane

  • @dionneradebe8942
    @dionneradebe8942 Před rokem

    Ukuphupha umuntu wesilisa ekushaya

  • @Spencermthunzie
    @Spencermthunzie Před rokem

    Sakubona pasta siyabonga ukubakhona kwakho ngihlutshwa ngamaphupho kushoni kuphupha uthole imali yama phepha amaUsdoller engama bundles inengi ngekhatshanyan ngizobona sengisobha imali enga sliver eyakudala ileskhala phakathi eskhulu ngiyabonga

  • @ntobekolarence4540
    @ntobekolarence4540 Před 3 lety +2

    Ngiyabonga ngngczelo Pastor🙏🙏

  • @ayandamagidigidi3464
    @ayandamagidigidi3464 Před 2 lety

    Siyabonga pastor 🙏
    Ngicela ukucazelwa iphupho
    Ngiphuphe imvu ehlelele amaqanda amaningi kodwa bekhukona namyama khona lapho

  • @ntobekolarence4540
    @ntobekolarence4540 Před 3 lety +1

    Ngiyabonga Pastor🙏🙏

  • @sidanisiwenkomo8505
    @sidanisiwenkomo8505 Před 2 lety

    Ngyabonga pastor mija ngphupha ngjahwa luhlanya lungshaya ngibaleka kakhulu maqede lujike muva luhleke

  • @vanithavanitha635
    @vanithavanitha635 Před 3 lety +1

    Yithi Yithi siyabonga ngencazelo zamaphupho besixakekile ngamaphupho inkosi ikubusise

  • @sonkesfamilyhomeofmusic4514

    Sawbona pastor kuchazani ukuphupha ukhala nokphuph kthiwa utshotshi engath yashiswa kodwa umlilo ungawezwa ukushis kwaw an awubon

  • @ziphozenkosizondo9932
    @ziphozenkosizondo9932 Před 3 lety +18

    could you please speak louder or turn the background music off. its quite hard to listen to the knowledge you have to impart

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před 3 lety +4

      Thanks for adding your input
      Sizolilungisa iphutha
      be blessed

  • @mabelnawa1800
    @mabelnawa1800 Před rokem

    Inkalankala

  • @simphiwenkosi6759
    @simphiwenkosi6759 Před 2 lety +2

    MSEBENZI OWENZAYO MUHLE! Sacela wenyuse i mic iphimbo lithande ukuba phansi

  • @keddy_rsakidkeddy4941
    @keddy_rsakidkeddy4941 Před 3 lety

    Amen Mkhulu, ngyabonga kakhulu ngezincazelo zakho ziyanggculisa.... mkhulu namhlanje ngphuphe ngathi siyobhala test masekfanele ngibhale lutho iphepha lokubhala baze baqeda abanye mina lutho ngathi ngcela iphepha kwenye ingane langncisha ngayshaya yaze yopha igazi...

  • @spho1190
    @spho1190 Před rokem +1

    Wena Weningi🙌🏾🙌🏾🙌🏾 Stay blessed🕯

  • @nomfundocele2220
    @nomfundocele2220 Před 3 lety

    Amen mkhulu ngiphuphe inyanga eyaziwayo kube ngathi iyangikhombisa ukuthi ibaziza kanjani kulabo abaphele amabusiness ukuthi bezibuyisele kanjani kulaba abatsontsile etolo zabo, esenza lokho ngaqamelwa eqoke ibhayi lengwe eliblack and white nembuzi emnyami esho ethi kwenzima kanje..

  • @siyandakupa352
    @siyandakupa352 Před 3 lety +1

    number 1 mina ngphupha njalo ngabe kudalwa nd amaphupho amaning ahlukene ngyakwaz ukuphupha 3 ngeskhat esisisodwa kuse ngiwakhumbula inkinga ngingawaz aqonde ukuthin kodwa sengbonga ngoba amanye ngyawathola kuwe pasta

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před 3 lety +2

      ukuphupha amaphupho amaningi at once kusho ukuba nesipho noma ubizo -kungasho ukuthi uzogcina ngokuthwasanoma noma ube umprofethi

    • @siyandakupa352
      @siyandakupa352 Před 3 lety +1

      ngyabonga pastor

  • @mbathasjula6997
    @mbathasjula6997 Před rokem

    Ukuphupha ushaya isigici

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před rokem

      1. *Uma uphupha isiginci;* wuphawu oluhle uma udlala isiginci; lusho inhlanhla, nokuthi uzothola umsebenzi obalulekile, ozokusiza ukufeza izinhloso zakho.
      2. *Uma uphupha isiginci;* wuphawu kwesinye iskhathi uma uhlale udlala isiginci; olusho ukuthi kungenzeka unobizo lokusidlala futhi uma ungasidlala uvalelela empilweni.
      3. *Uma uphupha isiginci;* wuphawu oluhle uma udlala isiginci; lungabuye lusho ukuth lindela isikhathi senjabulo, nothando esizayo.
      4. *Uma uphupha isiginci;* wuphawu oluhle uma udlala isiginci; lusho ukuthi uzokuba nethuba elihle lokunqoba zonke izinkinga nezinkathazo empilweni.
      5. *Uma uphupha isiginci;* wuphawu oluhle uma udlala isiginci; lungabika ukwembatha yidlozi.
      6. *Uma uphupha isiginci;* wuphawu olubi kakhulu uma isiginci singenazintambo noma zidabukile; lusho ukuthi ubudlelwane bakho buzophenduka indumalo, injabhiso, nesikhubekiso ungalindele.
      7. *Uma uphupha isiginci;* wuphawu olubi kakhulu uma isiginci siphukile; lusho ukuthi ungase ubanjwe wukugula nezinkinga zezempilo okuzidingeka uzisukumele ngoikushesha.
      8. *Uma uphupha isiginci;* wuphawu olubi uma uzwa umsindo omnandi wesiginci; lusho ukuthi kumele uqaphele umuntu ohlakaniphile ozozama ukukukhohlisa esebenzisa ulimi olumnandi nokuhubhuza amanga.

  • @Apexpre4142MxolisiSithole-

    Sawubona, bengicela ukubuza ukuthi mawuphupha usetekisini nabantu kumnandi kuhlekwa kusho ukuthini 🙏🙏

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před rokem +1

      1. *Uma uphupha ugibele itekisi;* wuphawu oluhle kakhulu lihamba, kusho ukuthi lindela impumelelo, nenqubekela phambili.
      2. *Uma uphupha ugibele itekisi;* wuphawu oluhle kukhona umshayeli futhi elihambisa ngendlela efanele, kusho ukuthi uzokuba nenqubekela phambili ngosizo lomunye umuntu.
      3. *Uma uphupha ugibele itekisi;* wuphawu olubi limele ngoba kusho ukuthi awunanqubekela phambili nokuthi impilo imile futhi uzophuza ukuphumelela.
      4. *Uma uphupha ugibele itekisi;* wuphawu olubi uma ihlehla uphakathi kusho ukungahambi kahle kwempilo nokungaphumeleli kokwenzayo.
      5. *Uma uphupha ugibele itekisi;* wuphawu olubi uma liwa, ligingqika, lishayisa, noma lisha kusho ingozi, ulaka, noma ukufekela kwezinhlelo zakho zekusasa.
      6. *Uma uphupha ugibele itekisi;* wuphawu olubi uma igijima ngokweqile futhi ingalawuleki, kusho amawala, noma ulaka lwabaphansi.
      7. *Uma uphupha ugibele itekisi;* wuphawu olubi uma lingahambi kepha uliphusha kusho ubunzima nokuthi uzophumelela ngokusebenza ngokuzikhandla.

    • @Apexpre4142MxolisiSithole-
      @Apexpre4142MxolisiSithole- Před rokem

      @@NufliqOnline sawubona mkhulu, ngicela ukubuza uma uphupha umuntu wesifazane omaziyo ekuziba kwazekwaba kabili 😭 does that mean she's the one

    • @Apexpre4142MxolisiSithole-
      @Apexpre4142MxolisiSithole- Před rokem

      Ehamba engiziba ephupheni , mina ngimbiza ngiseduze kwakhe

  • @nkosingphilebhele9624
    @nkosingphilebhele9624 Před 2 lety

    Unjani pastar ngcela ukubuza ukuphuphu ushawa

  • @chloezuma4224
    @chloezuma4224 Před 2 lety

    Mowuphupha ulwa nespoki kuchazani?kahle kahle mowuphupha ulwa nomuntu ongamuboni kodwa uyakwazi ukuk'shaya nokukhuluma uyamuzwa .

  • @Simi4478
    @Simi4478 Před 3 lety +2

    Siyabonga ngezincazelo, oh the volume and the music on the background

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před 3 lety +1

      Okay will fix that.
      Thanks for your input

  • @NQUTHUENTERTAINMENT
    @NQUTHUENTERTAINMENT Před 2 lety

    Ngicela ukbuza kuchazan ukphupha udlala amakhadi

  • @siphokazikhumalo3008
    @siphokazikhumalo3008 Před 3 lety +1

    Sawubona Pastor
    Bengisacela ukubuza ukuthi Uma uphupha ngokuxabana ngamazwi nabantu obaziyo bese kuthi ngesinye isikhathi ngemuva kokuphikisana nabo, ufinyelele kubo bese uqala ukukhala. Lelo phupho lichaza ukuthini

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před 3 lety

      UKUPHUPHA UXABANA NOMUNTU
      1. Uma uphupha uxabana nomuntu noma abantu obaziyo; wuphawu olungasho ukuthi nizobuyisana noma nizothelelana amanzi uma kungukuthi benixanene futhi kungasho ukuthi nizoba nokuzwana kakhulu kunakuqala nalabo bantu.
      Futhi uma uphupha uxabana nomuntu; wuphawu komunye olusuke lusho ngqo ukuthi uzophabana nalomuntu uma umazi.
      UKUPHUPHA UKHALA
      1. Uma uphupha ukhala; wuphawu olusho ukuthi kungenzeka kukhona okuzokujabulisa maduze - uma kungukuthi ungumuntu odangele noma okhungathekile empilweni kusho ukuthi uzozwa Izindaba ezizokwenza wename.
      Futhi kungasho ukuthi kunento engakuphethe kahle ongenayo indlela yokuyixazulula njengamanje.

    • @siphokazikhumalo3008
      @siphokazikhumalo3008 Před 3 lety

      Ngiyabonga Mfundisi 🙏🏾

  • @slindilenzima438
    @slindilenzima438 Před rokem

    Sawbona Pastor
    Ngiphatheke kabi kakhulu ngvuka nje
    Ngphuphe ngbulala abantu abangena cala and bengiyifihla imizimba yabo even though inhliziyo yami beyibuhlungu ngalokho kodwa ngathi ephupheni bekuphoqa please help me angazi ukuthi kuchaza ukuthini.

  • @thabofrank1159
    @thabofrank1159 Před 2 lety

    Sawubona baba ngiphuphe ikhandlela Eli yellow livutha lilele

  • @SamkelisiweShazi
    @SamkelisiweShazi Před rokem +1

    Sawubona pastor 🙌can you please assist I always dream of my ex but we ain't on speaking terms but when I dream of him we always talking nicely or even sesi ngcawini shada 🙈noma I dream of him ethi uzoza ekhaya ezokhokha.... Please help

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před rokem

      ngicela ubheke nansi ivideo it might help explain your dream
      Filename
      Ukuphupha nge-Ex yakho
      Video link
      czcams.com/video/y297-wixm5M/video.html
      stay blessed

  • @cimamoyo4463
    @cimamoyo4463 Před 2 lety

    Bengicela ukubuza kutshoni ukuphupha ngithenga imvu encane imhlophe nke

  • @lulamamthethwa277
    @lulamamthethwa277 Před 3 lety +1

    Ngiphupha izimvu zigcwele ekhaya komalume egcekeni

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před 3 lety +1

      *UKUPHUPHA UMHLAMBI WEZIMVU*
      1. *Uma uphupha ubona umhlambi wezimvu;* wuphawu oluhle olukhombisa ukuthi uzokhona noma uzokwazi ukufeza kancane kancane lokho ozibekele kona empilweni.
      2. Kepha *uma uphupha ubona umhlambi wezimvu ulele phansi;* wuphawu olusho ukuphulukiswa ngokomoya - kusho ukusuka kwemimoya ebikucindezele noma ingcindize ethile ebikukhungethe.
      Noma *uzolulama* ekuphazamisekeni ngokomoya noma ngokwengqondo obekukuhlasele empilweni yakho.

    • @lulamamthethwa277
      @lulamamthethwa277 Před 3 lety

      @@NufliqOnline ngiyabonga ukuphendula. But today ngiphupha ngidla ikhekhe Le birthday kuchazani

  • @zandizitha2723
    @zandizitha2723 Před rokem

    I dreamt of a beautiful grazing land,so Green. I was wondering alone in it ,and something was saying i should carry on walking. I remember seeing a well in the middle of the grazing land.. then I was drawn into this big hole on my right . I walked closer to it and deep down I saw a group of sheep 🐑 🐑 🐑 in there. They were awake and sitting quietly. That was the last thing I saw.

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před rokem

      *Uma uphupha uzibona uhamba otshanini obuhle, obulahlaza futhi obungenamkhawulo;* wuphawu olusho ukuthi ucishe wendela kwelamathongo.
      *Uma ubona utshani obuluhlaza;* wuphawu oluhle olungabuye luchaze ukuchuma, injabulo, noma impilo enhle, engenazihibe, futhi egcwele ukwaneliseka.
      Kepha *Uma ubona utshani obomile;* wuphawu olubi oluvame ukuchaza ukuthi ungase ubhekane nezinkinga zempilo, amashwa, ubunzima, izithiyo, ubumpofu, futhi noma ukufa.
      *Uma uphupha ubona umthombo wamanzi;* wuphawu oluhle olungasho ukuthi ungase ubenenala, ikusasa eliqhakazile, nempumelelo kanye nezikhathi ezingcono ezizayo.
      *Uma uphupha ubona izimvu eziningi;* wuphawu oluhle kakhulu noluvame ukubika ukuchuma, ukuthula kwengqondo ekhaya kanye nempumelelo kuyo yonke imikhakha yokuphila.
      *Uma uphupha ubona izimvu zisemgodini;* wuphawu olungasho ukuthi ungase usize abantu ongene enkingeni ngenxa yamaphutha nobudedengu babo kepha bazokhombisa ukungabongi ngenxa yomusa wakho.
      *Uma uphupha ubona izimvu zisemgodini;* wuphawu olungabuye luchaze ukuthi kunabantu abasenkinge okungenzeka badinga usizo lwakho ukuze bakhululeke.

  • @ntandonxumalo6111
    @ntandonxumalo6111 Před 2 lety

    Sanibona. Bengisacela ukubuza. Uma kuwu kuthi uphupha ushayiwa umuntu omaziyo khona kuyaye ku chaze ukuthin

  • @vukanincwane1698
    @vukanincwane1698 Před 2 lety +1

    Ngicel ukubuza ukuth kuchaza ukuthini ukuphupha ukushay umuntu aze ashone or ukuphuph kuthiwa ushaye umuntu waze washona

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před 2 lety +1

      *Uma uphupha ushaya umuntu omaziyo;* wuphawu oluvame ukusho ukuthi umcasukele lowo muntu noma ukulimazile/ukudumazile, futhi kungezeka ukwenza kabi ithongo lakho noma ukuNkulunkulu uyakuphindiselela.
      *Uma uphupha ushaya umuntu aze afe;* wuphawu olungakukhombisa ukuthi ugcwele intukuthelo nolaka ngenxa yokukhungatheka empilweni.
      *Uma uphupha ushaya umuntu ongamazi aze afe;* wuphawu olungasho ukuthi ubhekene nezinkinga, izithiyo noma izingqinamba ezinkulu ozama ukuzixazulula noma ukulwa nazo empilweni.

  • @lungilelungile8276
    @lungilelungile8276 Před 2 lety +1

    Ngyabingelela pastor Uma uphupha imvu izala izinyane liphuma ligijime

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před 2 lety +1

      *Uma uphupha imvu izala;* wuphawu oluhle oluvame ukubika inhlanhla, amandla okwenza izinto zenzeke, impumelelo ezayo nenqubekela phambili ozokuba nayo empilweni.
      *Uma uphupha ubona izinyane lemvu;* wuphawu oluhle olubika ubumnene, ukuthula, nokuhlanzeka komphefumulo kanye nempumelelo ezayo.

    • @lungilelungile8276
      @lungilelungile8276 Před 2 lety

      🙏

  • @rachelmahlatse1768
    @rachelmahlatse1768 Před rokem +1

    Ngiphuphe ngishaya ingane yami, mangithi ngiyamuthulisa he didn't want to stop crying. What does it mean?

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před rokem

      *Uma uphupha ushaya ingane yakho;* wuphawu oluvame ukubika ukuthi lindela ukuba esimnandi, futhi esigcwele injabulo nokuthula ngemuva kokubheka nezinkinga zakho.
      Proverbs 29:17 Correct thy son, and he shall give thee rest; yea, he shall give delight unto thy soul.
      *Uma uphupha ushaya ingane yakho;* wuphawu olungabuye luchaze ukuthi kululeka ngoba kungenzeka ingane yakho izoziphatha ngenhlonipho, ubuqotho, ukuthembeka nangokuthobeka okokhulu.
      Proverbs 29:15 A rod and reproof impart wisdom, but a child who is unrestrained brings shame to his mother
      *Uma uphupha ushaya ingane yakho;* wuphawu umaikhala ingasathuli kwesinye isikhathi olungachaza ukuthi unesihluku kubantu ababuthaka, abangenamandla nabangakwazi ukuzilwela nokuzokwenza ukuthi bagcine sebe babi kakhulu kunakuqala
      Zechariah 7:9-10 “This is what the LORD of Heaven’s Armies says: Judge fairly, and show mercy and kindness to one another. Do not oppress widows, orphans, foreigners, and the poor. And do not scheme against each other
      *Uma uphupha ushaya ingane yakho;* wuphawu olunganchaza isidingo sokuthi uthi ukuqondisa ingane noma omunye umuntu oncike kuwe empilweni.
      Proverbs 23:13 "Do not with- hold discipline from your son; if you beat him with a rod, he will not die"

  • @sibusisondlovu4553
    @sibusisondlovu4553 Před rokem +1

    Voice / sound extremely low…the background music is also not helping (more of a nuisance in actual fact).

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před rokem

      Thanks voicing your concerns,
      but did you really bother to check the latest visuals? 2021, 2022, and 2023 Audio Visuals?
      Anyway, Stay blessed, ngane yakwethu.

  • @vuyisilengwenya
    @vuyisilengwenya Před 3 lety +1

    Ngingumlandeli wakho bhuti kuningi engikufundayo ngohlelo lakho mina ngiphuphe izibhuzi ziphuma erondo endlini yabantu abandala nakho okuye okungihluphayo ngihlezi ngiphupha umama wengane and sengahlukana naye ngiphuphe ethi usenawo ama feelings ami usandithanda wathi but ngabese phaphama

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před 3 lety +1

      1. UKUPHUPHA IZIMBUZI
      (a) Imbuzi emhlophe emhlophe ichaza inhlanhla, ukusimama kwezezimali, impilo echumayo kanye nokuphila kahle jikelele.
      Leli phupho liyibika elihle futhi lisho ukuthi ungakhululeka futhi ujabulele impilo.
      Awunazinkathazo ezinkulu/ngeke ube nezinkathazo noma kufanele wazi ukuthi azikho izinkathazo ezidinga ukunakekelwa 100%, impilo imnandi/ ingase ibemnandi.
      Iphupho lembuzi emhlophe lisho ukuthi uzoba nemali eyanele maduze nje, nokuthi uzoba nezikhathi ezinhle impela nabantu obathandayo nokuthi ekugcineni ungakwazi ukugxila kumakhono akho/amathalente akho nezinto ozithandayo.
      Imbuzi emhlophe imele ukuhlakanipha, ithemba, ukuhlanzeka, ithemba kanye nenhlanhla.
      (b) Imbuzi emnyama
      ephusheni lakho, ingasho ukuthi uzoba nezinkinga ungazelele, kepha lezo nkinga kungaba amathize-thize angatheni.
      kungasho ukuthi uzobhekana nezinguquko zezinhlelo ongakaze uzicabange, ngakho-ke ungazizwa ulahlekile futhi udidekile.
      Ngakolunye uhlangothi, imbuzi emnyama imele izinguquku ezingajwayelekile kepha ezinhle, ikakhulukazi uma uphupha imbuzi eyodwa emnyama phakathi kwezinye eziningi ezimhlophe.
      Leli phupho lisho ukuthi awuthandi ukuhlala ethunzini labanye, ungumuntu ovelele futhi awuthandi izindlela ezijwayelekile zokwenza izinto.
      (c) Izimbuzi ezincane
      /amazinyane
      lihle, kodwa futhi kungaba uphawu oluyisixwayiso lokuthiu kumele uzinakekela kakhulu. Amazinyane mahle, kodwa antekenteke.
      -Uma uphupha ngamazinyane nomama wawo, iphupho limele ukuthi udinga ukunakekelwa, ukutotoswa nokuthuthukiswa.
      -Iphupho lisho futhi ukuthi kukhona umuntu empilweni yakho okuthanda ngokweqiniso, okukhathalelayo futhi okuvikelayo (hhayi abazali bakho).
      -Ngakolunye uhlangothi, uma ungumzali ngokwakho noma unabafowenu abancane kanye / noma odadewenu, leli phupho lingasikisela ukuthi ubungasabanaki kamuva nje.
      Mhlawumbe ukhathazeka ngokweqile ngempilo yakho uze ukhohlwe ukubonisa umusa nothando lwakho kulabo abakufanele kakhulu.
      Kufanele uzikhumbuze ukuthi kunabantu ababheke wena futhi bafune ukuholwa nokusekelwa uwena. Yiba nomusa kubo futhi ubanike uthando nokusekelwa.
      (2) UKUPHUPHA I-EX
      (a) ukuphupha umuntu owawuthandana naye, kungasho ukuthi usamthanda futhi usafisa niqhubeke nothando lwenu.
      (b)uma umphupha efuna ukuba nawe, ekulwela kusho ukuthi usekhohliwe uwena lapho ekhona khona.
      kepha uma umphupha engafuni ukukubona, ekubalekela, ekulwisa, noma ekuthethisa, engafuni nhlobo ukuba nawe, lokhu kungasho ukuthi lapho ekhona uyakucabanga, usenalo uthando futhi usazimisele ukuthi nilungise izinto, niwubase kabusha umlilo wothando.
      (c) ukumphupha umthela ngenduku, umshaya kanzima, uthukuthele ukhahlela izidindi, lokho kungasho ukuthi kukhona okubi noma okungalungile akwenzayo. kungenzeka uyakugadla/uyakuphphetha ukuthi nibuyelane or ukuthi ungalungelwa phambili
      we can try to re-unite you both if possible uma engakagani phambili. niyakhuluma kodwa?
      be blessed

    • @vuyisilengwenya
      @vuyisilengwenya Před 3 lety +1

      @@NufliqOnline @yithi Yithi can you make us re unite me and her angisakhulumi naye yingane kuphela ezisihlanganisile zitathu nakhona mangikhuluma naye ngathi ngiyamyanyisa or ngiyamdina so wangisakwazi ukhuluma naye ngisamnika I space sakhe it been year now sehlukana mina naye

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před 3 lety

      @@vuyisilengwenyaOKAY, Give me a call or message 0764166991 will take it from there

  • @noxologxothiwe3007
    @noxologxothiwe3007 Před 2 lety

    Ukuphupha ushayela imoto yakho ugibele nomuntu omaziyo nengane eno5 years niwela ibridge

  • @titentiten5271
    @titentiten5271 Před 2 lety

    Hey kutshoni uphupha umuntu owatshonayo etshaya omakhelwane

  • @lindomike3190
    @lindomike3190 Před rokem +1

    Sawubona ukuphupha ushaya umama okuzalapho esiphongweni kuchazani?

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před rokem

      *Uma uphupha ulwa nomzali wakho;* wuphawu oluvame ubika ukuthi phakathi kwenu kukhona noma kukekwaba khona ukungaboni ngaso linye ngaphambili.
      *Uma uphupha ulwa nomzali wakho;* wuphawu olungakuqwashisa ukuthi kumele uqaphele ukungaboni ngaso linye okungase kwenzeke phakathi kwakho nomzali wakho.
      *Uma uphupha ulwa;* wuphawu olungasho intukuthelo nolaka olugcwele ngaphakathi kwakho okumele ulukhiphe noma ugadlwa kabi abakhunkuli ngezilwane.
      *Uma uphupha ulwa nomzali wakho;* wuphawu lungabuye luchaze ukuthi usuke ulwa nemimoya emibi noma nesilwane esizenza umzali wakho.

  • @nompumelelombatha1405
    @nompumelelombatha1405 Před 2 lety

    Hi pastor ngicela incazelo ngiphupha njalo ngi cabana nabantu noma ngilwa ephuphweni bese uthole sengiyakhala okweqiniso kodwa ngilele angina lutho bese ngiyavuswa kuthiwe ulele ngabe yini vele.ngoba mengibuzisiza angiyitholi incazelo e qondile

  • @thandekabuthelezi1749

    U did not finish what if u dream fighting someone u don't know

  • @nomamsomi2495
    @nomamsomi2495 Před rokem +1

    Your volume is super low

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před rokem

      Ok, sorry
      But please the latest Video, we've improved.
      Thank you, Stay blessed.

  • @sim3702
    @sim3702 Před 3 lety +1

    Siyabonga ngomsebenzi omuhle, Jehova akubusise.
    Ngicela ukubuza ukuthi siyakuthumela amaphupho uwahlaziye or uyazikhethela ofisa ukukhuluma ngako?

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před 3 lety +1

      Uma unawo ofise siwahlaziye, uyawathumela/nathi esinawo siyawahlaziya
      if kukhona akudidayo ungawathumela via email xolaninkosi33@gmail.com or via instagram ku Xolani_Enoq inbox okuComment section khona laCZcams
      Be blessed

    • @sim3702
      @sim3702 Před 3 lety

      @@NufliqOnline inkosi inibusise

  • @ntobekolarence4540
    @ntobekolarence4540 Před 3 lety +1

    Hi Pastor ngicela ingcazelo yalo phupho:ngiphuphe amakhandlela amhlophe amabili akhanyayo ngabe litsho ukuthini

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před 3 lety +1

      (9) UKUPHUPHA AMAKHANDLELA AMHLOPHE
      (a) Uma uphupha amakhandlela amhlophe wuphawu oluhle olukhombisa inhlanhla, ukukhanya kwezinto zakho nokuholwa ngokomoya.
      Uzothola ukukhanyiselwa endleleni yakho yokuphila.
      (b) Uma uphupha amakhandlela amhlophe wuphawu oluhle olukhombisa ukuthi uzokhula ngokomoya nangokwengqondo.

      Futhi amele ukuphulukiswa kwangaphakathi, ubumsulwa, kuvikeleka emoyeni emibi, nakubantu ababi.
      (c) Uma uphupha amakhandlela amhlophe wuphawu oluhle olungasho futhi ukuthi kumele ukhuleke ngawo amakhandlela amhlophe ukuze izinto zakho zilunge noma zivuleke noma zikhanye.
      INKOSI ithel'umusa

  • @bernadettepenny4917
    @bernadettepenny4917 Před 3 lety +2

    Pastor ngisacela ukubuza ukuthi kuchaza ukuthi ukuphupha kulendawo engayazi, ngifike kunendlu endala yakhiwe ngo thayela, kodwa lothayela urustile, kunezihlala eziningi ezinde, mese kuba notshani obuthe ukuphakama , kubhonga ibhubesi kodwa ngigcina ngingaiboni?

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před 3 lety

      1. IPHUPHO LAKHO
      1.1. UKUPHUPHA INDLU EGQAALILE
      a. Uma uphupha indlu egqwalile wuphawu olusho ukunganakwa kwesimo sakho noma sempilo yakho.
      Kusho izinkinga ezinganakiwe noma okuthile othikamezeke kakhulu ukuthi ungazikhathaza ngakho.
      Futhi kungasho umuzwa onawo wokuthi ubudlelwano bakho noma iqhaza noma indlela yokuziphatha kwakho akusabalulekile njengakuqala.
      1.2. UKUPHUPHA IZIHLAHLA EZINDE
      b. Uma uphupha izihlahla ngokomoya wuphawu olukhombisa ukuthi ungumuntu omatasa ngokuzithuthukisa noma kusho ukuzibophezela onakho nomndeni wakho kanye nokuxhumana kwakho nezihlobo zakho namalungu omndeni wakho.
      c. Uma uphupha izihlahla uma zizinhle ziluhlaza; wuphawu oluhle olusho amathemba nezifiso zakho, ukukhula, ulwazi nokuphila.
      1.3. UKUPHUPHA UTSHANI OBUDE
      a. Uma uphupha utshani obude futhi obuluhlaza, wuphawu oluhle - oluvame ukuba yisibonakaliso sokuchuma nenhlanhla okulindele kuwena kungekudala. Futhi kungasho nekhono lakho lokubhekana nezinkinga ezithile okade zivimba intuthuko nenqubekela phambili.
      1.4. UKUPHUPHA UKUBHODLA KWEBHUBESI
      a. Uma uphupha uzwa ukubhonga kwengonyama; kuvame ukuba wuphawu lwenhlanhla. Kusho ukuthi kungase ukufezeka izifiso zakho ungazelele noma kukuhambele kahle ngokomsebenzi noma uzothola ubudlelwane bezothando obuzophumelela.

  • @ntobekolarence4540
    @ntobekolarence4540 Před 3 lety +1

    Pastor ngicela undiphe ingcazelo ngiphuphe igundane elifile lingase mnyangweni kwindlu engiqashe kuyo

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před 3 lety

      UKUPHUPHA IGUNDANE ELIFILE
      (a) Uma uphupha elifile kungasho ukuthi ukhungathekile noma wethukile ngesimo esithile obhekene naso.
      Kungamelela nokwamukela ukuphela kobudlelwano, ikakhulukazi uma kulobo budlelwano ukukhuhliswa . Uma kunjalo, iphupho likwazisa ukuthi isimo sesiphelile.
      (b) Ukuphupha ngegundane elifile kusikisela ukuphela kwenkinga nenhlanhla
      (c) Uma uphupha ubona igundane elimnyama elifile yisibonakaliso esihle sokuthi uzokwazi ukunqoba zonke izitha zakho
      (d) Uma uphupha ubona igundane elimpunga yisibonakaliso sokuthi kunowesifazane osondelene nawe okufisela okubi
      INKOSI ithel'umusa

  • @ntobekolarence4540
    @ntobekolarence4540 Před 3 lety +1

    Hi Pastor ngicela ingcazelo yeli phupho: ngiphuphe isakhiwo sendlu kugujwa foundation mina ndihamba phezu kwayo

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před 3 lety

      (1) UKUPHUPHA ISISEKELO SENDLU
      (a) Uma uphupha ubona isisekelo sendlu uyintokazi kungaba wuphawu oluhle olungasho ukuthi kungase kuvele umuntu oqavile onganikeza ikusasa elihle noma isiqalo esihle emsebenzini wakho.
      (b) Uma uphupha ubona abanye abantu bemba umgodi wesisekelo sendlu kusho ukuthi ikusasa lakho lingase lincike kwizenzo nakwizinqumo zabanye abantu.
      (c) Uma uphuphe ukuthi wakhuphuka wama ngezisekelo zendlu entsha, kusho impumelelo enesizungu ezoba yisisekelo sekusasa ozonethezeka kulo.
      INKOSI ithel'umusa

  • @nokuprecc3381
    @nokuprecc3381 Před 3 lety +1

    Hi Pastor ngcela ukubuza ukuphupha ngigibele itaxi engijwayele ukuyigibela after work kodwa ngath ihamba kugravel ngath bekunetha so umgwaqo lo ugcwele amanzi amaningi ngath umfula yangena letaxi esihamba ngayo but yangabhajwa udaka yahamba kulamannzi angcolile ivele ngokhakhaye kodwa amanzi abengangenile ngaphakath uma siphumela ngale osekuphele khona lamanzi ngabona imvu emhlophe ime phezu kwegatsha lesihlahla elimile elitshekile nje, ngyafisa ukwax ngabe lichazan leliphupho

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před 3 lety

      1. UKUPHUPHA ITEKISI
      a. Uma uphupha ugibele itekisi lihamba emgwaqeni omubi; wuphawu olusho izinkinga nezinqinamba engase ubhekane nazo empilweni kungekudala.
      2. UKUPHUPHA IMVULA
      a. Uma uphupha izulu linetha kakhulu; wuphawu Olukhomba isimo esingesihle esizokwehla noma sikwehlele kepha esizokwedlula ngokushesha.
      3. UKUPHUPHA UDAKA
      Uma uphupha udaka noma uhamba odakeni noma isithuthi ohamba ngaso sihamba odakeni; wuphawu olusho izinqinamba noma ubunzima kepha okuzodluleka kubo uma ukwazile ukuphuma kul ngaphandle kwenkinga.
      4 UKUPHUPHA IMVU
      a. Uma uphupha ubona imvu emhlophe; wuphawu oluvame ukukhomba inhlanhla.
      5. UKUPHUPHA ISIHLAHLA
      a. Uma uphupha isihlahla esiluhlaza noma ubona izihlahla esiningi eziluhlaza; wuphawu oluhle - oluvame ukusho ukuthi uzojabula futhi ubenenhlanhla kungekudala.

  • @gracioussoniakhums2492
    @gracioussoniakhums2492 Před 3 lety +1

    Ukuphupha ufuna ukuthathwa or uzithatha ipicture ngecamera

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před 3 lety +1

      (1) UKUPHUPHA IKHAMERA
      (a) Ukuphupha ikhamera kuvame ukuba yisibonakaliso esihle, futhi ikhombisa ukuthi singaziqapha kanjani izehlakalo ezenzeke esikhathini esedlule.
      Leli phupho ligxile kakhulu ekufundeni kokwenzeke esikhathini esedlule.
      (1) UKUPHUPHA UFUNA UKUSHUTSHWA /UKUZISHUTHA
      (a) Uma uphupha ufuna ukushutshwa / ukuzishutha leli kungaba wuphawu lokuthi ungumuntu onentshisekelo yokuthi abantu bangawakhohlwa amagaglelo onawo/noma ungumuntu ozama/ofuna ukuzi expressa
      9b) ukube ubuphupha kunomuntu okutshutha isithombe ngaphandle kwemvume yakho lokho bekungasho ukuthi kukhona umuntu ozama ukuthwebula
      be blessed

  • @ntobekolarence4540
    @ntobekolarence4540 Před 3 lety +1

    Hi Pastor ndicela ungiphe ingcazelo yeli phupho: ngiphuphe isakhiwo sendlu isekwi foundation ngabe mina ndihamba phezu kwayo leyo foundation babe bona abo bebesokha bengifisela okubi kodwa ngabatshelaukuthi ngegama lika Jesu konke loko soze kwenzeke mangiqeda ukusho ngaphumela ngapheseya basheka bona

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před 3 lety

      (1) UKUPHUPHA ISISEKELO SENDLU
      (a) Uma uphupha ubona isisekelo sendlu uyintokazi kungaba wuphawu oluhle olungasho ukuthi kungase kuvele umuntu oqavile onganikeza ikusasa elihle noma isiqalo esihle emsebenzini wakho.
      (b) Uma uphupha ubona abanye abantu bemba umgodi wesisekelo sendlu kusho ukuthi ikusasa lakho lingase lincike kwizenzo nakwizinqumo zabanye abantu.
      (c) Uma uphuphe ukuthi wakhuphuka wama ngezisekelo zendlu entsha, kusho impumelelo enesizungu ezoba yisisekelo sekusasa ozonethezeka kulo.
      INKOSI ithel'umusa

  • @ntobekolarence4540
    @ntobekolarence4540 Před 3 lety +1

    Hi Pastor ngicela undiphe ingcazelo yeliphupha:ndiphuphe ndihamba ngendlela katiyela ngemoto ndongena ecourt lapho ndifike kukho amaphoyisa amaningi ngahlala nawo ebenice engenalaka

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před 3 lety

      (1) UKUPHUPHA IMOTO
      (a) Uma uphupha uhamba ngemoto emgwaqeni onetiyela ingakuhluphi wuphawu lokuba nenqubekela phambili nenhlanhla.
      (2) UKUPHUPHA AMAPHOYISA
      (a) Uma uphupha amaphoyisa kuvame ukuba wuphawu lwamathongo akini akusingathile noma akubhekile.
      SUMMARY
      IPHUPHO lakho lingasho ukuthi izinto zakho zihamba kahle noma zizokuhambela kahle kungekudala futhi amathongo akho akubhekile.
      Be blessed

    • @ntobekolarence4540
      @ntobekolarence4540 Před 3 lety

      @@NufliqOnline Dankie Pastor uNkulunkulu akukhusele khona ukuze siphile nathi ngawe

  • @ntobekolarence4540
    @ntobekolarence4540 Před 3 lety +1

    Hi pasta weningi cela ubuza litsho ukuthini uphuphe uphuphe uwasha izandla kumpompi ngesepha?

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před 3 lety

      (1) UKUPHUPHA UGEZA IZANDLA
      (a) Uma uphupha ugeza izandla kuvame ukuba wuphawu olusho ukuba umuntu okwazi ukufihlisisa icala noma iphutha noma izinzo ezingafanele.
      usuke ufuna ukukhohlwa icala noma iphutha owalenza bese ehlambuluka. futhi kungasho ukuthi wena uzithatha njengomuntu ongenacala.
      (b) Uma uphupha ugeza izandla zakho ngaphansi kompompi ngamanzi ahlanzekile nensipho, lokhu kusho ukuthi maduze uzobamba iqhaza emcimbini omnandi noma ephathini ethile.
      (c) Uma uphupha ugeza izandla ngamanzi abandayo acwebile, lokhu kungakhombisa ukukhipha/ukususa ukugula okudala.
      INKOSI ithel'umusa

  • @sizwefakudze6281
    @sizwefakudze6281 Před rokem +1

    Mfundisi talks low in all his video's. Please Mkhulu speak up ngenhlonipho lenkhulu

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před rokem

      Thank you for your input.
      Highly appreciated.
      Please do check the latest visuals we have improved.
      Give us a feed back.
      Stay blessed

  • @unathimsengana9203
    @unathimsengana9203 Před 10 měsíci

    The video still didnt touch o ukuphupha ushaya umuntu ongamazi ...like i spent the whole 15 min for nothing

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před 10 měsíci

      1. *Uma uphupha ushaya umuntu;* wuphawu olubi uma umazi; lungasho amagqubu, inzondo, nolaka olukukhungethe olubhekise kulomuntu.
      2. *Uma uphupha ushaya umuntu;* wuphawu olubi uma umazi; olungasho ukuthi kumele umqaphele lomuntu kunento engalungile futhi embi ayenzayo.
      3. *Uma uphupha ushaya umuntu;* wuphawu olubi uma ungamazi; lusho ukuthi uzobhekana nomonakalo nokuthi ungase ululaze, futhi uphathe kabi omunye umuntu kungafanele.
      futhi *Uma uphupha ushaya umuntu;* wuphawu olubi uma ungamazi; lusho imizamo yokunqoba izithiyo empilweni yakho
      4. *Uma uphupha ushaya umuntu;* wuphawu oluhle uma uhlale ushaya abantu; lungasho ukuthi kumele usukume uthole abalaphe abazokuxoshela isilwane noma umoya omubi okukhungethe.
      5. *Uma uphupha ushaya umuntu;* wuphawu uma kungumlingani wakho; olusho ukuthi kungenzeka umthukuthelele futhi aweneme ngendlela akuphethe ngayo.
      6. Futhi *Uma uphupha ushaya umuntu;* wuphawu uma kungumlingani wakho; lusho ukuthi kungenzeka isidalwa sakho sesithumthukuthelele lomuntu ngoba usaqale ukukujolela ungazi futhi ubudlelwane angeke buphumelele.
      7. *Uma uphupha ushaya umuntu;* wuphawu oluhle uma umehlula; lusho ukunqoba, nokuphumelela ngaphezu kwezitha, izithiyo nezinkinga ohlangabezana nazo empilweni.

  • @ntobekolarence4540
    @ntobekolarence4540 Před 3 lety +1

    Hi Pastor ngicela unginike ingcazelo yeliphupha:ndiphuphe unyana wam una 14yrs manje kodwa ndimphuphe eyingane encane enough 3yrs kanje elele eroomin mandiphuma ngimshiya uye wakhala ndavula ucango waphuma egijima ejabulile ngabe litsho ukuthini?

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před 3 lety

      Lisho ukuthi ubezogula noma angase agule noma kunento ozoyenza ezomphakatha kabi kepha uba right futhi noma uzosheshe alulame ngokushesha.

  • @ntobekolarence4540
    @ntobekolarence4540 Před 3 lety +1

    Hi Pastor ndicela unginike ingcazelo yeli phupha:Ndiphupha ingane yam eyindodana ina 14yrs manje incane ina 3yrs ilele eroomin ngathi ngivala ucanga

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před 3 lety

      Lisho ukuthi ubezogula noma angase agule noma kunento ozoyenza ezomphakatha kabi kepha uba right futhi noma uzosheshe alulame ngokushesha

    • @nontsikelelotseko1998
      @nontsikelelotseko1998 Před rokem

      Yazin bhuthi wena umbica kakhulu emaphupho Nd akabi straight to the point ugega kakhulu ubhica kakhulu

  • @makhosazanamsimang7180
    @makhosazanamsimang7180 Před 3 lety +3

    Bengicela ukuthi ubaba athi test i recording before he sends it into the public. Iskhathi esiningi akezwalali,becos the volume is very low and we miss alot if important info.

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před 3 lety +1

      Thanks for corrections. will definitely correct the error kuma video azolandela.
      be Blessed Makhosazana

    • @buhlenkomo527
      @buhlenkomo527 Před 3 lety

      Please Baba use imic when recording 🙏🏽 it helps a lot for sound

  • @samsonkubheka8522
    @samsonkubheka8522 Před 2 lety

    ukuphupha udubula umuntu ngesbhamu?

  • @buhlenkomo527
    @buhlenkomo527 Před 3 lety +2

    Ukuphupha inja nezingane zayo ezicane zincela ku ma wazo uzi phutha uzi sondeza kunina kucazani ?

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před 3 lety +1

      (1) UKUPHUPHA INJA NEMIDLWANE
      (a) Ukuphupha inja nemidlwane wuphawu oluhle kakhulu olungasho ukuthi uzokuba nabangani abasha noma kuzoqina ubungani obudala.
      Uma kwenzeka ubona inja enemidlwane ephusheni, lokhu kusho imisebenzi noma izimo zpokusebenza ezilula futhi ezimnandi.
      futhi perhaps uzobe unakekela izingane zakho maduze.
      (b) Uma ungowesifazane ubona inja nemidlwane ephusheni lakho lokhu kungasho ukuthi "you really want" ukuba nezingane, kepha wesaba ukuthi ngeke ukwazi ukudlala indima yokuba ngumama.
      Uma bekukhona owesilisa obekhona ngesikhathi uphupha, lokhu kusho ukuthi lowomuntu umbona njengobaba wezingane zakho.
      (c) Uma inja izale imidlwane ephusheni lakho, lokhu kusho ukuthi kungekudala uzothola abangane abaningi.
      Uma inja izale imidlwane yafa ngemuva kwalokho, lokhu kusho ukulahlekelwa ukuzethemba noma ukuphelelwa yiuthemba ngomlingani wakho.
      (d) Uma uphupha inja incelisa imidlwane, lo mbono usho ukuthi akukho okumele ukhathazeke ngakho - zonke izinhlelo noma izinto zakho zizohamba kahle/zizophumelela.
      Uma uphupha ubona inja kuwuphawu oluhle uma iziphethe kahle, ingakhonkothi, ingakulumi, ingakuhhongeli futhi ikulalela ikakhulukazi uma kuwumdlwane / imidlwane.
      Uma inja incelisa ibhonga/ikuHhongela ephusheni, lokhu kusho ukuthi umzamo noma imizamo yakho ingase ikubeke engcupheni noma ikufake engozini noma enkingeni/ezinkingeni eziningi.
      "Lelipho lisho ukuthi iznto zizokuhambela kahle njengoba inja ingazange ikhombise ukukuxwaya ngesikhathi usondeza imidlwane kuyo. kusho ukuthi imizamo yakho izophumelela angeke ikufake enkingeni"
      Be Blessed

    • @buhlenkomo527
      @buhlenkomo527 Před 3 lety +1

      Wow 🙏🏽 ngiya bonga kakhulu iNkosi ikubusise ❤️

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před 3 lety

      @@buhlenkomo527 thanks, you too, be blessed

  • @londisishi8701
    @londisishi8701 Před 3 lety +1

    Ukuphupha ushawa ngemvubu???

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Před 3 lety +2

      1. UKUPHUPHA USHAYWA
      a. Kuma uphupha ushaywaa ngemvubu; wuphawu olubi olusho isikhathi esinzima ongase ubhekane naso maduze noma kungenzeka ukuthi umlingani wakho uzokucasukela ngenxa yendlela owenza ngayo izinto.
      b. Futhi uma uphupha ubhaxabulwa ngemvubu; wuphawu olusho ukuthi uzophumelela.

  • @mashozalino1840
    @mashozalino1840 Před 2 lety +3

    Hi bhuti ur sound quality is poor pliz justify that anyway ur show it is cool can b great

  • @ntobekolarence4540
    @ntobekolarence4540 Před 3 lety +1

    Ngiyabonga Pastor🙏🙏

  • @jeezyfirefire93
    @jeezyfirefire93 Před 2 lety

    Sacela ukbuza ukuth kuqonde ukuthini ukuphupha ubulala iphoyisa ebelifun ukukubulala