Ukukhuluma ethuneni | Impunga Yesintu TV

Sdílet
Vložit
  • čas přidán 5. 05. 2020
  • Aligqitshwa ihlahla uma kufihlwa umuntu #Amava Ahlabahlosile

Komentáře • 108

  • @dumitshabs8719
    @dumitshabs8719 Před rokem +3

    Siyabonga Mpunga, sesikhathele ukubizwa oMalume ngo Nyaupe. Abafowethu must take responsibility period, no excuses!

  • @bossb1195
    @bossb1195 Před 3 lety +8

    This is pure educational... 🤭🤭🤭🤭🤭. Siyabonga Baba.. Lesedi 👏👏👏

  • @Mauritiusmoyo
    @Mauritiusmoyo Před 2 měsíci

    Ngiyabonga ukufunda akupheli

  • @nonhlanhlamdlalose8671
    @nonhlanhlamdlalose8671 Před 3 lety +4

    Ayi! cha! Mlekeleli uyishaya emhlolweni. Siyabonga ngokusikhipha ebumnyameni. Manje uma uMama wadlula emhlabeni ngina-8 yrs. nethuna lakhe lambiwa amathambo akhe aphonswa episini lasezimayini lapho kwakulahlwa khona wonke amathambo abamnyama abelungu bezimbela ilahle .Ngiwulanda kuphi lowo mphefumulo?

  • @sithembisogama7026
    @sithembisogama7026 Před 4 lety

    Syabonga Mpunga yesintu, eyy ngoba izinto ezenziwayo zidida kugcine kungenzi mqondo ukuthi kungathi ihlahla lasala endlini ekhaya nomuntu watshelwa mhla eyongcwatshwa ukuthi umoya wakhe awusale ekhaya ugade kodwa futhi bona abantu abaphilayo babuye bayokhuluma emathuneni bebe baz kahle

  • @alexbhebhe456
    @alexbhebhe456 Před 4 lety

    Ngicela ukubuza ukuthi iliba lihlanzwa abantu abakusiphi isigaba sokukhula.
    Umbuzo wesibili,kwenziwa yini uma lelihlahla selivuthulula amaqabunga ngiwenza njan amaqabunga futhi ..Impungaaaaaaaaah

  • @nonations7420
    @nonations7420 Před 4 lety

    Ngibingelele kwiMpunga 🙌🏽. Mkhulu sisacela imininingwane mayelana nokuOder izincwadi ngeposi. Siyabonga

  • @maggiemahlangu3787
    @maggiemahlangu3787 Před 4 lety +3

    UBaba ushone ngo January esibhedlela waya emakhazeni. Uma ese lethwa endlini bamfaka ngezithakazelo. Ngelanga loku ngcwatjhwa bamkhipha ngesithakazelo. Nasema thuneni uma ibhokisi liyehla baqeda ngesithakazelo. Kusho ukuthini loko? Masi gezizswa ngo June, due to Covid we didn’t go elibeni lakhe but sakhuluma naye endlini yakhe.

  • @msebenzimpanza7027
    @msebenzimpanza7027 Před 4 lety +1

    Impunga siyathokoza ngingajabula ukuzitholela incwadi ngicela imniningwane

  • @mbhekenimathebula7973
    @mbhekenimathebula7973 Před 4 lety

    Ngiyadedeza la, ncathu ncathu. Siyabonga.

  • @nomvulanxumalo8713
    @nomvulanxumalo8713 Před 3 lety

    HHayi ngiyabonga kwi Mpunga. sifunda size siyofa. Amaphutha wami maningi ngoba sakhuliswa phansi kwenkolo lapho kungenziwa konke lokhu okhuluma ngako. Sengofika kwi Mpunga sizoxoxa ukuthi konke loku ngikulungisa njani going forward. Asibonge

  • @user-es9jc3ru7u
    @user-es9jc3ru7u Před 4 měsíci

    Ngiyabonga ngencazelo baba Mbanjwa mina ekhaya kithi sekwabhujwa ngathi ngiyohlakula ngihesha emathuneni kwathiwa umuntu oganile osenendoda akawalungisi amathuna asekhaya kubo. Kanti mina ngazi ukuthi umuntu wakomunye umuzi akawalungisi amathuna akomunye umuzi cacisa Mpunga ngididekile mina

  • @petersplaylistpeter8404

    Ngibingelele ngiyithola kanjani incwadi ethi amava ahlabahlosile and imalini.
    Ngisegoli ngokuhlala
    Reg Mtshali

  • @bongwafakude5442
    @bongwafakude5442 Před rokem

    Siyabonga Mpunga yesintu

  • @mchunuzenzele8193
    @mchunuzenzele8193 Před 4 lety

    Mpunga yethu sonke 🙌

  • @ntshkastck3136
    @ntshkastck3136 Před 3 lety

    Sibonge kuyimpunga ngoba impela ukungazi kufana nokungaboni

  • @thulanikhumalo7143
    @thulanikhumalo7143 Před 2 lety

    Ushayelani khona kodwa... ayi Mpunga yesintu yayazi into khuluma ngayo awusiqedeli idata mahhala ayigugu lamazwi abaningi baduswa kungazi nokubukela abenza abakubona kwenziwa abangazi.

  • @mbuyisenisydney7076
    @mbuyisenisydney7076 Před 3 lety

    Aaaaaw ngyabonga Mphunga ngokucacisa ngkubekwa kwehlahla

  • @ntshkastck3136
    @ntshkastck3136 Před 3 lety

    Impela sibonge kuyimpunga iyasakha imibono yakho ingakho ngithi impunga

  • @delimkhize5232
    @delimkhize5232 Před 4 lety

    Ngiyabonga kuleyehlahla abaningi abantu badukile kulendaba yehlahla elifakwa ethuneni alifakwaaaaa nhlobo ethuneni

  • @phililemhlongo2526
    @phililemhlongo2526 Před 4 lety +2

    Siyabonga🙏

  • @gladysthomo8384
    @gladysthomo8384 Před 3 lety

    Mpunga siyabonga ngosizo lwakho singazithola ezitolo zezincwadi na

  • @koalimontshi2689
    @koalimontshi2689 Před 2 lety

    Uyasinceda ngolwazi siyabonga baba

  • @user-lb8qu4xk1n
    @user-lb8qu4xk1n Před 3 měsíci

    Ngicela ukubuza lihlala isikhathi esingakanani ihlahla ekhya

  • @Ceci30375
    @Ceci30375 Před 2 lety +1

    Kuhle futhi siyabonga ngemfundiso ezinhle👏👏

  • @sontofakude8649
    @sontofakude8649 Před 2 lety

    Ihlahla alomi na ngemuva kwesikhathi bese kwenziwa njani ke uma selome kakhulu

  • @senzonxumalo8029
    @senzonxumalo8029 Před 4 lety +1

    🙏🙏🙏siyabonga

  • @concerncitizen8755
    @concerncitizen8755 Před 2 lety

    Sibongile🙏🏻

  • @busizweephraimmagalela5385

    Mpunga yesintu,ngicela uke ukhulume ngokuthi lona ihlahla leli lihlala iskhathi esngakanani cz uyake ubone esemaningi emsami namadaaaala ungasazi uzowalahla uwathini.

  • @zinhlethabile3294
    @zinhlethabile3294 Před 3 lety

    Ayi siyabonga kakhulu ngolwazi

  • @ntshkastck3136
    @ntshkastck3136 Před 3 lety

    Sibonge impela kuyimpunga manje ihlahla lihlala until nini futhi lihlaliswa kuphi

  • @alexbhebhe456
    @alexbhebhe456 Před 4 lety +2

    Isiphi "lesilwane esincane esaphuma ehlathini ekusen maqede sazivuthulula"
    Impungaaaaaaaaaaah

    • @impungayesintutv
      @impungayesintutv  Před 4 lety +1

      Uchakide bemgcololo

    • @alexbhebhe456
      @alexbhebhe456 Před 4 lety

      @@impungayesintutv awu sukanini madoda sengathi ngiyambona unkabi ephuma ehlathini ezivuthulula amazolo ,ngiyabonga

    • @luckymkhize7813
      @luckymkhize7813 Před 4 lety

      @@impungayesintutv why ungabaphenduli abanye kuma comment ngoba mancane akamaningi mpunga ?

    • @UThongathitv
      @UThongathitv Před 4 lety

      @@alexbhebhe456 😂😅😝✌

    • @alexbhebhe456
      @alexbhebhe456 Před 4 lety +1

      @Lucky Mkhize angiyisoli impunga ngokubuye ingaphenduli ngiyacabanga ukuba busy kanti ke isuke ishaya amazwibela nje okuningi kutholakala ezincwadini zayo ,Mina nje senginayo esihloko sithi "Sithini Isintu"? Kuningi esengikufunde kulencwadi inothile kakhulu,

  • @thembisileroselinah6238

    Mpunga yesintu uma eshonele ekhaya senza njani

  • @snayenothando924
    @snayenothando924 Před 4 lety

    Ngiyabonga Mpunga ngalolulwazi,bengingazi ukuthi aligqitshwa ihlahla,nakhu ke engicela ukukbuza kwiMpunga,uma seliphindela endlini ihlahla lisuka ethuneni kuyakhulunywa kulo kanjengoba likade likhulunyiswa ngenkathi kulandwa umufi emakhazeni noma kuyathulwa kungabe kusakhulunywa??,ngicela ukucaciseleka kulokho.

  • @percymhlongo9343
    @percymhlongo9343 Před 3 lety

    Uma uqonde ukuthi angahlushwa amalunga omndeni agangile

  • @sabelomazibuko9244
    @sabelomazibuko9244 Před 4 lety +1

    Syabonga

  • @thuthukahadebe6912
    @thuthukahadebe6912 Před 4 lety +2

    Cha vele ngokwesintu umphefumulo awuhlali ethuneni kodwa nginemibuzo.
    1) Engabe wonke yini umuntu oshonile kmele alandwe ngehlahla? Ngoba kunenkolelo yokuthi kulandwa umuntu oshone engalindele njengodutshuliwe noma oshone engozini yemoto washonela lapho esigamekweni. Noma uhlaselwe isifo senhliziyo kwangaphela sikhathi esitheni washona. Ngoba phela kwaziwa ukuthi umuntu oshone kanje umoya wakho uyaye udideke ngoba usuke uhlukane nenyama ngophazime kweso. Umuntu ogulile yena kujwayele ukuthi angalandwa ngoba kukholakala ukuthi kusuke kuyiskhathi sakhe. Ngabe kuyiqiniso yini lelo.
    2) Ihlahla lelo lihlala kuzekube nini endlini, nengicabanga ukuthi libekwa emsamu, futhi lethulwa kanjani?
    3) Umuntu aduka kwasekutholakala ukuthi akasekho kuyiqiniso yini ukuthi uyabizwa emfuleni, isempophomeni, isehlane noma isentabeni?
    4) Kungezeka yini uthi ulanda umuntu esibhedlela ugcine usulanda nokungeyena kwazise esibhadlela abantu bafa nsuku zaphuma?

  • @user-pn2jm2zp1r
    @user-pn2jm2zp1r Před 4 měsíci

    Yahoo sakwenza lokho senzenjani na

  • @ntokozomthembu9327
    @ntokozomthembu9327 Před 4 lety +2

    Manje ke akesithi ngilifaka endlini bese ngiyathutha kuleyo ndawo mase ke sengifuna ukubika umuzi ngizomlanda kuleyondlu ? Uma ngabe ngangakhe ngodaka seyabhidlika leyondlu ngimlanda kuphi ??

  • @velijali4380
    @velijali4380 Před 4 lety

    Mpunga ngicela ukubuza ukuthi ulihlukanisa kanjan iphupho lemoto phakathi kwengozi nenhlanhla..sbonge

  • @mshokwane
    @mshokwane Před 4 lety

    ngyakuqala ukuthi kanti nawo amahlahla ayehlukana

  • @mbalenhlemakhubo5472
    @mbalenhlemakhubo5472 Před 4 lety

    Manje Mpunga yesintu ihlahla lihlala isikhathi esingakanani angikhumbuli ukuthi ihlahla labazali bami bobabili ngilibona ekhaya okusho kungenzeka babekwa nawo bengcwatshwa? Uma ke lkuthiwa azange beba beke nawo and awekho endlini enziwa njani

    • @mzwakhethenjwayo3618
      @mzwakhethenjwayo3618 Před 4 lety

      Kungenzeka ukuthi bafihlwa nawo,kodwa mhla bekhushulwa n begezwa base beyalandwa emathuneni ngawo amahlahla okuyiwona azobekwa emsamo,hhayi lawo abalandwa ngawo lapho bebhubhele khona,vele lawo kumele bafihlwe nawo,ngoba sisuke sibalindisa emalibeni,sizobuya silande imiphefumulo,kusale inyama...Impunga iphaphalazile bakwethu.

  • @siyasangadamane4173
    @siyasangadamane4173 Před 4 lety

    Mkhulu ithini Uma ungazi uba babengcwatywe njani abadala. Kuba ngikule sebasweleka.

  • @megsfireandicediye3404
    @megsfireandicediye3404 Před 4 lety +2

    I wish I could hear what his saying..

  • @angelmlambo5287
    @angelmlambo5287 Před 4 lety +3

    Manje ihlahla libekwa kuphi endlini? Lihlala iskhathi esingakanani endlini?

  • @matselisotsauza2555
    @matselisotsauza2555 Před rokem

    Thokozani Mkhulu
    What if when they were buried, you were young and don't know if ba ye fihla isitumbu kuphela. Or no moya wakhe usale lapho?
    How do you then communicate with them?

  • @vellybonisani4091
    @vellybonisani4091 Před 4 lety

    Ngyabong brazoh ngokusicathulisa kwanami ibingidida lendaba yokukhuluma ethuneni

  • @shadrackchika2335
    @shadrackchika2335 Před 2 lety +1

    If I dont know about the branch that carries the spirit

  • @ntshkastck3136
    @ntshkastck3136 Před 3 lety

    Omunye umbuzo mpunga Uma kulende iwele elinye lasala kuye kumele ukuthi elisele lenze liphi isiko empilweni

  • @skhebisobhoza6551
    @skhebisobhoza6551 Před 4 lety

    Impuuuunga!!! Besicela uke ukhulume ngokubika umuzi wakaMama, njengoba imizi eminingi njengamaRDP seyatholwa kakhulu abantu besifazane.

    • @zonkeqina5847
      @zonkeqina5847 Před 4 lety

      Mamkhulu waye funa ukubika umuzi kwa thiwa umuzi wentombazane awbukwa ngoba isenga gana iwushiye umuzi wendoda obikwayo akusho Mina isintu sisho Njalo

    • @sithembisogama7026
      @sithembisogama7026 Před 4 lety +1

      @ntozonke, uyabikwa kodwa ubikwe ngesibongo sakhe uMama. Uma esegana uyowshiya neyngane zakhe ngoba akwona vele owakhe kodwa owakubo

    • @mzwakhethenjwayo3618
      @mzwakhethenjwayo3618 Před 4 lety +1

      Yazi bekungaba kuhle ukuba umthetho wesintu noma isintu sethu besikhula kanye nalezinkathi ezishintshayo esiphila kuzo,ngyakhala ngama khosi endabuko awawenzi umsebenzi wawo aseyizi cathalala zika hulumeni,adla izimvuthu neykhokho aziphiwa osopolotiki,amakhosi endabuko asekhohliwe wukululeka nokukhulisa isizwe.Bakwethu manje sesinamandla okushixilela konke okuyingxanye yesisekelo sempilo yethu n siyakwazi nokuphenya nokucubungulisisa yonke into...Kudala wawungekho umuzi womuntu wesmame ngoba kwakumele bagane n neynsizwa ziganwe but manje sezinciphile iynsizwa,sekugcwele iynkonkoni,wobani abazothatha odadewethu?Abanye bagcina bengaganile,then akuzwakali ngoko siko mawuthi ubika umuzi womfazi.unless we change that but based on extensive research ukuthi what are we encouraging or discouraging Uma sibika umuzi womuntu wesmame

  • @sandilelindanisithole1066

    Uma use Cape Town itholakala kanjani incwadi ya Mava Ahlabahlosile Mpunga Yesintu?

  • @siyabongamdluli2305
    @siyabongamdluli2305 Před 4 lety

    Mpunga Yesintu ngidinga usuzolwakholana noma ngalifuneli mina njengoSiyabonga kodwa omunye wabangani bami uhlezi ekhala ngokuphupha ubabakhe osahamba emhlabeni😑😑🤨

  • @mxolisindlovu1390
    @mxolisindlovu1390 Před 2 lety

    Yebo mfethu uyimbambe ngakh qubeka

  • @vistom5784
    @vistom5784 Před rokem

    Ngyakuzwa mfowethu so uma ngfuna ukukhuluma nomuntu wakithi ongasekho kmele ngiyendlini la kunehlahla khona ngfike ngkhulume ngoba phela nempepho ngokwazi kwami ayishiswa noba ubani,cha ngyadideka impela manje ngoba nobani uqhamuka nokwakhe mina ngazi ukuthi ethuneni uyaya nje uyolihlanza ulicentele ufike uxoxe nomuntu wakini usho konke ofisa ukukusho manje mase nithi kmele syokhuluma endlini kanjani kukhulunywa kanjani endlini mhlampe mungangicacisela lapho ngoba impela ngyalahleka

  • @vai_vai
    @vai_vai Před 4 lety

    Mpunga kune nkulumo ethi :- sengathi izinyamazane ezibanjwe kune hlambo , sengathi lezo nyamazane zingadlelwa kubo wehlambo. ( ihlambo liya khishwa liphinde futhi lingeniswe) . Uma uhamba nenyamazane , yehlambo lakithi , uhamba nama nikiniki akithi.

  • @joannanhaka3368
    @joannanhaka3368 Před 2 lety

    Sibonga kakhulu

  • @siphomazibuko6529
    @siphomazibuko6529 Před 3 lety

    Sabuza ukuthi izincwadi zitholakala kanjani uma useGoli impendulo do sididekile abadizwele nabanye basicacisele siyazidinga,abafake ifomu lokuoda okungenani luxe lube lula sigcwalise sithenge

  • @riskandcompliancewithnelly6832

    Thokoza Mkhulu ngicela uchaze ngomsbenzi wokukhushulwa

  • @jamesconco9870
    @jamesconco9870 Před 3 lety

    Ngiyayizwa leyehlahla kodwa ngowami umbono kuncono uthole indawo lapho uzakulibeka khona hayi endlini Lona ohambile engakakhushulwa ,,okukwenzelwa umsebenzi wokumhlanganisa nethongo lakini.

  • @gustavoafrika4010
    @gustavoafrika4010 Před 4 lety +1

    Siyabonga ngokukhanyiseleka, ngicela ukubuza ukuthi uma umuntu eshonele ekhaya sikhona yin isidingo sehlahla?

    • @samkelisiwegambushe7430
      @samkelisiwegambushe7430 Před 3 lety +1

      Yaz ngike ngizwe ukuth umuntu ulandwa yonke indawo ekade eyijwayele. Ukuze angahluphi lana ekade ejwayele khona.

    • @gustavoafrika4010
      @gustavoafrika4010 Před 3 lety +1

      Oh cha bengingakwazike lokho, so uma ngikuzwa kahle uthi uma ethanda ibhola ehlala eya eStadium kyofanele alandwe khona, ingabe ngikuzwa kahle??

  • @sindisiwemdhladhla2052

    Ngicela ukubuza. Umntwana wami ungcwatshwe nalo. Kumele kwenziwe njani?

  • @joycetrollop6373
    @joycetrollop6373 Před 2 lety

    Kwenzekalani meniliqibile.

  • @audreytaylor4766
    @audreytaylor4766 Před 3 lety

    Wenzanjan uma ningumnden ningasakhumbuli ukuthi ushonele kuyiphindawo esibhedlela?

  • @thembekapretty6047
    @thembekapretty6047 Před 3 lety

    Uyasivula amehlo kuningi ebesingakwazi zibizamalini lezincwadi

  • @celimpilombatha7039
    @celimpilombatha7039 Před 4 lety

    Incwadi itholakala kanjan?

  • @phiwokuhlemakhaye9650
    @phiwokuhlemakhaye9650 Před 3 lety +2

    Lihlala kuze Kube Nini lelohlahla endlini?

  • @tilisimediatv8769
    @tilisimediatv8769 Před 3 lety

    Kuyiqiniso yini kuthi if ucleaner amaliba kumele kube khona itshwala obugayiwe besizulu?

  • @seanphilani9045
    @seanphilani9045 Před 4 lety

    Loool uzowthola

  • @mirensphiwe6229
    @mirensphiwe6229 Před 2 lety

    Thokoza mkhulusiyabonga

  • @mandlamganu9183
    @mandlamganu9183 Před 4 lety

    Ngokwesintu uye wenze njani uma iliba lingasabonali seku flat ngenxa yezizathu ezithize, manje nifuna ukubeka itshe lesikhumbuzo kodwa nisabele ukuthi lobekwa komunye ununtu?

    • @bongumusaduma4605
      @bongumusaduma4605 Před 4 lety

      Mmmmmm nsizwa yakith kunzima ngempeeeeeela uma sekunjalo kuyaye lube ngcono ukuth uma nifihla noqikelele ukuth niyalimaka iliba ngyaxolisa mfwethu ngokungab nampendulo

  • @zonkeqina5847
    @zonkeqina5847 Před 4 lety

    Abasindisiwe baya ligqiba angithi sesiphila no fakaz ka Jehovah ukut babekup ashona kudela owaziyo

  • @HobzSA
    @HobzSA Před 2 lety

    Ey mfwethu, ubukuphi kodwa sonke leskhathi, ngyayfuna lencwadi

  • @thobaninzimande8971
    @thobaninzimande8971 Před 3 lety

    ndukandaba

  • @africastockvelbroker4932
    @africastockvelbroker4932 Před 4 lety +7

    Manje uma umuntu ubeyisigebengu,ebulala, ahlupha noma eloya uyaligcina yini ihlahla?

    • @talentntuli1155
      @talentntuli1155 Před 4 lety

      Uyohlele engowakini umuntu noma Ngabe izenzo zakhe awuzifuni. Kunalokho mase dlulile uyashwelezelwa ngezenzo zakhe agezwe

    • @gugulethuzulu8971
      @gugulethuzulu8971 Před 3 lety

      @@talentntuli1155 ngicela ukubuza uma unolwazi bhuti , uwenza kanjani umsebenzi wokushwelezeka or ukuhlawulela umuntu owayenamacala

  • @HobzSA
    @HobzSA Před 2 lety

    Ake usisize nangevideo yokuhlatshwa kwenkomo nokuhlukaniswa kwezicubu ngamagama azo🙏. Uma uzobe uhlaba

  • @luckymkhize7813
    @luckymkhize7813 Před 4 lety

    haibo uyangidida manje angithi thina abantu siyaye sibabuyise emathuneni ngawo umlahlankosi

    • @mzwakhethenjwayo3618
      @mzwakhethenjwayo3618 Před 4 lety

      Gcwabe uqinisile mfwethu ngoba mhla kwenziwa umsebenzi wokumkhuphula lowo muntu,kuyayiwa ethuneni ayolandwa bese engeniswa ekhaya ngalo lehlahla,libekwe emsamo.

  • @syabongakhanyisani6715

    if kuthathwa abantu kesithi imuzo usjontshe inxiwa why kuyiwe emathune i

  • @nonhlanhlaportia8843
    @nonhlanhlaportia8843 Před 3 lety

    Pa000

  • @samsonkhubone7140
    @samsonkhubone7140 Před 4 lety +2

    Ayibikhona yini inkinga uma ubuya nalelihlahla ulifaka emagceke ekubeni umuntu wakini ubedlule ngengozi yemoto , isifo noma isikhali???

    • @babalwanonjaba9627
      @babalwanonjaba9627 Před 4 lety +1

      good question

    • @mzwakhethenjwayo3618
      @mzwakhethenjwayo3618 Před 4 lety +2

      Ngingeyona nje Impunga kodwa ngicela ukuth' ngifake nam ulwaz lwami...Khubone mfwethu khumbula ukuthi I'm umuntu eshone ngeskhali,uyaye agezwe n avalwe amanxeba ngenyongo yembuzi nesikhumba sayo ngaphambi kokuba nimthune.Oshone nge ngozi yemoto ngokwesiko mpilo thina ngakithi siyaye singamfaki ekhaya umzimba wakhe uma sibuya naye emakhazeni,nayo ingozi iyaye igezwe ngenyongo yembuzi bese kuchelwa lonke igceke...ayikho inkinga Uma ihlahla ulifaka ekhaya ngoba uzobe ulwenzile losiko lokugeza nokuvala iskhali noma ingozi kulomzimba,ukuze kungabe kusenzeka ekhaya...oshone ngesifo noma ngokugula,siyaye silifake ihlahla lakhe ekhaya ngoba vele wusiko lolo,kanti futhi ke ukugula okwanoma wubani.

  • @ntandokhumalo5730
    @ntandokhumalo5730 Před 4 lety

    Angiyizwa kahle leh, nisuke senimhlambulule nini lowomuntu, nisuke nazi ngani kuthi izindlela zakhe abezihamba esaphila ngaphansi komthunzi welanga bezinjani, khona ukuthi uyofike amukeleke kwelamathongo noma ungumuntu obenamacala osazobuya azocela ukwenzelwa inhlambuluko noma acelelwe intethelelo koyise mkhulu, agezwe kumande amukelwa kwelamathngo manje mase nithatha ihlahla nolibeka emsamo lapho kuhlei khona amathongo ahlambulikile abheke ikhaya angeke yini lomuntu afike adale izinkinga ngikubuza lokhu ngoba kwake kwenzeka.

    • @mzwakhethenjwayo3618
      @mzwakhethenjwayo3618 Před 4 lety

      Mbulazi,Mashobane, ngivumelana nawe Mzilikazi,lapha Impunga iphaphalazile,khona iphutha elikhulu lapha,iphambanise izinto Impunga... khumbula ukuthi lomuntu kusazomele kwenziwe umsebenzi wokumkhuphula nokumnika isihlangu,lelo hlahla alandwe ngalo emalibeni,yilona elihlonywa emsamo,hhayi leli lokumlanda emoshali,phela emalibeni yilapho abalinda khona okwesikhashana,sisabalungisela ukubageza nokubabuyisa ekhaya.

    • @ntandokhumalo5730
      @ntandokhumalo5730 Před 4 lety

      @@mzwakhethenjwayo3618 Mnewethu nami ngazi kanjani, ngifundiswe kanjalo kuthi emalibeni ikhona lapho belinda khona, lelohlahla esibalanda ngalo masesibabuyisa ekhaya ilona esilihloma emsamo

    • @tholendlovu1700
      @tholendlovu1700 Před 3 lety

      @@ntandokhumalo5730 baba Mbulazi, Bengicela nami ungichazele isimo sayo lendaba yokuthi umuntu uma esebhubhile ulandwa njani, nokuthi imigomo yakhona ilandelwa njani kuze agezwe bese engeniswe ekhaya loyo obhubhile.

  • @vusimngomezulu2500
    @vusimngomezulu2500 Před 3 lety +2

    Genesis 3:19,Ecclesiastes 9:5-6,10,Jobe 7:7-10,Deuteronomy 18:9-13,Mathew 15:6-9,John 5:28-29,Isaiah 26:19,Psalms 37:29.

  • @kwazilucas
    @kwazilucas Před 4 lety

    Ngicabanga ukuthi umphafa makuyindoda

  • @Blocc187
    @Blocc187 Před 4 lety

    I don’t see the point of going to gravesites especially if it’s not ritually required Mach it’s just isisindo kimi