Abalozi. Ukubhula ngabalozi

Sdílet
Vložit
  • čas přidán 3. 07. 2021
  • Indlondlo ichaza kafuphi ngabalozi nokuthi batholakala kanjani

Komentáře • 19

  • @cavirelagwala3627
    @cavirelagwala3627 Před 2 měsíci

    Siyabonga Mkhulu,Bakhona Abalozi from Zambia as well,my parents and grand parents are lozi people from Zambia,it's close to Suthu

    • @sandileblessing2909
      @sandileblessing2909  Před 2 měsíci

      Mina la angikhulumi ngaba Rotse/Lozi abayisizwe, ngikhuluma ngomoya ongena kumuntu uthwaselwe ube nogobongo lwawo. Lowo moya awubona abantu abangabaLozi/Rotse. Uma nje ngingakwenzela isibonelo sento engikhuluma ngayo kunabalozi esibuye sibabize ngamakhosi omfula, kube nabalozi esibabiza ngamakhosi entaba. AbaLozi/Rotse abangabantu ngiyazi ngabo, kodwa abahlangene nabalozi engikhuluma ngabo, unless umuntu wakhona enedlozi lomlozi.

  • @KholekileMnisiPrince
    @KholekileMnisiPrince Před rokem +2

    Ngyabonga khehla. Ngaze ngakthanda ngika kwazi. Uchaze indlela yami nqo engalanda ngayo aba Lozi bami.

  • @jasminemonareng1135
    @jasminemonareng1135 Před 3 lety +2

    Your videos are very informative. Siyabonga.

  • @yollandahmagubane3938
    @yollandahmagubane3938 Před 3 lety +1

    Awu yebo kunjalo kanti Mkhulu👏👏👏🔑👌

  • @nelisiwepriscilla1068
    @nelisiwepriscilla1068 Před 3 měsíci +1

    Iqiniso mkhulu bayazikhethela mina ngenza amakhosi ngingazi ngihlole kanjani ngaya emanzini ngayobuza ukuthi ngenze njani umangikhuleka ngekwa izinyoni nezimpempe kakhulu ebusuku ngizwe ngathi ngishokwa ugezi umalomoya usondela duzane kwami bese ngiyesaba😢

    • @sandileblessing2909
      @sandileblessing2909  Před 2 měsíci

      Kimina kwakuvele kulume izindlebe bese kukhala amakhwela nezimpempe. Cha, ezinyonini akaze kungenze.

  • @ntandokhumalo5730
    @ntandokhumalo5730 Před 3 lety +3

    Nawe baba uyaphambuka abalozi abathwaselwa into eqhamuka manje lento yegobongo labalozi sekusetshenziswa uzimpande ezitholakala emanzini namaphakama, abalozi idlozi elixhumene kakhulu nommoya wesindawe ungizwe kahle not umndawe but isindawe. Abalozi iskhathi esiningi kuyidlozi lamabutho, ngikhuluma ngento mina eyazifikela kumina kumina ngezwa ngamakhwela intathakusa ngaleso sikhathi nami lithe meliphakama lelidlozi langishayisa ikhwela libe selizichaza kuthi singabalozi thina ngibe nokudideka kancane kuhambe iskhathi kufike ikhehla okuyilona elanginika lesipho sekubheda ngumelaphi lathi kumina kumele uyempophomeni uyogeza lelidlozi labalozi wabe eselichaza kuthi ibutho leli asala nalo empini ukhokho wami wayengumkhuzi wempi manje lommoya wabalozi ummoya wamabutho lona ayewakhuza ezimpini ngoba mayefika kumina benginokuphupha amasosha noma ngibone ibutho lempi likaZulu livunulile liphelele akaze ngithwase mina nabo abalozi akaze ngibathwasele idlozi lizenzela lona konke anginagobela amaphupho nokuthi bafike bakhulume nje nami

    • @sandileblessing2909
      @sandileblessing2909  Před 3 lety +4

      Mtungwa! Ngikuzwe kahle Mashobana, kodwa amaziko awefani. Akuwo wonke umuntu owehlelwa okwakwehlela, mina baningi engibaziyo abawuthwasa umangothobane. Esikhathini samanje abantu sebehamba bayofuna izigubhu bese bethi banabalozi. Ngenhlanhla ukhona engangimazi, owakwaKhumalo naye owayebhula ngabalozi, kodwa abathwasela. Angazi-ke noma ungena noma imina owaphambuka, kodwa yena wabathwasela abalozi esevele eyisangoma. Akusho ukuthi uma uthwasele abalozi kusuke kunephutha, cha. Bakhona abazothwasa, bakhona abangeke bethwase. Uma Mbulazi ungabhekisisa, cishe you are 1 in a 1000 abantu okwenzeka lokho okwenzeka kuwe. Zibuze ukuthi kungani abanye kungafiki iyisemkhulu kubo namadlozi esindawu.

    • @motshidisiphiri3643
      @motshidisiphiri3643 Před 2 lety +1

      Cha ukhuluma kahle uyazwakala angikuphikisi.. Wena ukhuluma ngamabutho umoya wasezintabeni.. Umkhulu ukhuluma ngabalozi bokubhula banalo igobongo abalozi ngikhuluma ngento engiyiphilayo.. Okubalulekile ukuthi into yedlozi ihlukana ngezizwe nokukhosi bakhona.. Igobongo labalozi likhona..

    • @lungilezwane3227
      @lungilezwane3227 Před 2 lety

      Khumalo ukuphi

  • @expertadvisors4109
    @expertadvisors4109 Před 3 lety +3

    I love your content. Which you could do a live where you do a question and answer session. I am willing to sponsor data if required.

  • @ntandobhungane9167
    @ntandobhungane9167 Před 3 lety +1

    Yini umehluko phakathi komkhovu no tikoloshi?

    • @sandileblessing2909
      @sandileblessing2909  Před 3 lety +1

      Kwehluka kancane nje. Umkhovu isikhathi esiningi uyakhiwa, uyinzalo yomuntu nomathananazane. Utikoloshe uyimvelo, ukhishwa emanzini. Nokho ukhona utikoloshe wokwakhiwa, owakhiwa ngoxamu oweba imali.

    • @expertadvisors4109
      @expertadvisors4109 Před 3 lety +1

      @@sandileblessing2909 ngolimi olu'lula yini u'nomathananazane?

    • @yollandahmagubane3938
      @yollandahmagubane3938 Před 3 lety +2

      @@expertadvisors4109 yisalukazi semfene, enduna yakhona ingabandala ibizwa ngekhonde lemfene

    • @thandazileshabalala1212
      @thandazileshabalala1212 Před 3 lety +1

      Siyabonga mkhulu yazi Kade ngingakuniki kodwa sengiyakunaka ngoba into uyichaza ngobunono