The Zulu Congregational Church (ZCC)- Inkolo YaBaphostoli

Sdílet
Vložit
  • čas přidán 30. 07. 2017
  • 1. Ngiyakholwa kuNkulunkulu,
    uSomandla,
    uMdali wezulu nomhlaba;
    2. NakuJesu Kristu,
    iNdodana yakhe ezelwe yodwa,
    iNkosi yethu.
    Owathatshathwa kuMoya oyiNgcwele,
    wazalwa uMariya imvokwe.
    Wahlupheka phansi kukaPontiyus Pilatu,
    wabethelwa esiphambanweni,
    wafa,
    wembelwa,
    wehlela kwabaphansi;
    Ngosuku lwesithathu wabuya wavuka ekufeni;
    Wenyukela emazulwini,
    lapho esehlezi khona ngakwesokunene sikaNkulunkulu, uYise,
    uSomandla;
    Lapho eyakuvela khona,
    ezothetha amacala abahambayo nabafileyo,
    3. Ngiyakholwa kuMoya oyiNgcwele;
    Nakulo ibandla likaKristu,
    eliNgcwele,
    elilinye,
    ezizweni zonke,
    nakukho ukuhlangana kwabangcwele.
    Ngiyakholwa kukho ukuthethelelwa kwezono.
    Nakukho ukuvuka komzimba ekufeni.
    Nakukho ukuphila okungunaphakade. Amen!

Komentáře • 4

  • @user-jc3zx2gv8e
    @user-jc3zx2gv8e Před 2 měsíci

    Amen🙏🙏wafa wangcwatshwa wehlela kwalabafiley ngomhla wesithathu wabuya wavuka

  • @BongekileMbutho-dh8mo
    @BongekileMbutho-dh8mo Před 10 měsíci

    Amen

  • @sontomasina2265
    @sontomasina2265 Před 4 lety +1

    Amen bazalwane ngizalelwe kulesonto no matter today ngiyi Pentecost kodwa ngaphakathi kuyasho ukuthi ngizalwaphi from Brakpan to Tsakane ngiyi Volunteer still love u Ngiyakgolwa KuNkulunkulu uSomandla

  • @phethilemaseko8053
    @phethilemaseko8053 Před 5 lety +1

    AMEN....Ngizwa kahle..Ngiyakholwa kulo ibandla likaKrestu elingcwele lilinye ezizweni zonke...liyinhlangano yaba ngcwele