Ukhozi FM TV: Rev Hawu Mbatha

Sdílet
Vložit
  • čas přidán 26. 08. 2024
  • Asifuni ukungasho, ubaba uRev Hawu Mbatha unyathela ngoShuni WoKhozi FM.
    Namhlanje sibungaza i-#WorldRadioDay nobaba uRev Mbatha oseyingqalabutho kwezokusakaza. URev Hawu Mbatha waqala ukuba ngumsakazi ngonyaka ka-1982 futhu usebe negalelo elikhulu kwezokusakaza.
    Usixoxela ukuthi ngesikhathi eqala ukungena emsakazweni ngo-1982, uthi kwakuneziteshi ezimbili, ese-Afrikaans kanye ne-English.
    Ukholelwa ekutheni umsakazo waba negalelo futhi usanegalelo elikhulu ekusabalaliseni ulwazi. Ziningi ezeshashalazi esezikhona esikhathini samanje futhi ezishintshashintsha nezikhathi kodwa umsakazo awujiki futhi ubalulekile emhlabeni wonke jikelele.
    Uthi iradio iwumngani njengoba ikhuluma nomuntu oyedwa. Umsakazo ngesikhathi sobandlululo wabamba iqhaza elikhulu ekutheni abantu bengadangali. Kungashiwo ukuthi umsakazo ubambe iqhaza elikhulu ezimpilweni zabaningi.
    Iradio iyohlale ikhona, ithuthuka futhi inabalaleli.
    Isikhiye sokuphumelela kwezinhlelo emsakazweni kulele ekuqodeni izidingo zabalaleli balo lolohlelo.
    Ukhozi FM umsakazo womphakathi ingakho sithi Ukhozi FM luyohlezi luhamba phambili.
    Ukhozi FM Luhamba Phambili
    #UkhoziFM #InternationalRadioDay

Komentáře • 5

  • @snayenothando924
    @snayenothando924 Před rokem +1

    Ngaze ngajabula ukbona loBaba owangenza ngaluthanda uKhozi Fm,ngalesokhathi lwalubizwa ngeRadio Zulu ngangithanda umkhuleko ayesipha wona emoyeni ngezikhathi zakusihlwa,ngamthanda ngingamazi angimbonanga ngamehlo kuzekube namhlanje,au Baba usukhulile eNkosini,engathi isandla somusa singakukhusela sikugcine,uyena Baba engafunda kuye ukuthi kuyathandazwa ngabo 1982//83💖

  • @sibusisonkambule5620
    @sibusisonkambule5620 Před rokem +1

    Wow. Salute Rev. Mbatha. Great interview Siwe, you are such a good listener ❤#BestInterviewerEver

  • @nathimanqele
    @nathimanqele Před rokem

    Ohh yikho nje abasakazi babethi baphosa intambo..uzwe bethi " Nazo". Siyabonga ngo lwazi Sontshikazi.

  • @paulnzima306
    @paulnzima306 Před rokem

    What a legend of umsakazo,well vested with knowledge

  • @rachelmyeza2178
    @rachelmyeza2178 Před rokem

    Ubunyoninco bolimi obukwenza ulangazelele ukumlalela