Ukuqondisisa umnotho wesizukulwane

Sdílet
Vložit
  • čas přidán 23. 02. 2022
  • Thokoza
    Umnotho wesizukulwane ngumnotho odluliselwa kwisizukulwane nesizukulwane. Okusemqoka ngalomnotho ukuthi isizukulwane esilandelayo sikwazi ukwakha futhi siqhubekele phambili nalokho osekwakhiwe. Kungani thina bantu base Afrika sihluleka ukwenza lokhu? Imiphumela yokuthi incebo siyithole kanjani ayisoze izwele kithi kodwa iyozwela kwizingane kanye nabazukulu bethu.
    Generational wealth is income or assets which passes from one generation to the other. The greatest characteristic of this wealth is the ability of the following generation to build and further what has been created. But why are we Africans struggling with this? The consequences of how we acquire our wealth will never be felt by you but rather your children and grandchildren.

Komentáře • 36

  • @cebilemasuku8398
    @cebilemasuku8398 Před 2 lety +2

    Syabonga Gcwabe,yaze yanesigqi inkulumo,ishaya enhlizweni. Iqiniso layo liyababa ,kodwa liyaphilisa.Ukuzehlisa akukuphuci lutho, kodwa kwenza nomunye ununtu afunde lukhulu ngawe. Lenkulumo ithi kimi , humbleness is the treasure that even your children will benefit from.Kwande Khabazela.

  • @sethembilenzuza3599
    @sethembilenzuza3599 Před 6 měsíci

    Siyabonga Kakhulu Baba Wethu 🤝🏻👏👏👏

  • @mzwakhethenjwayo3618
    @mzwakhethenjwayo3618 Před 2 lety +1

    Yiqiniso lelo Gcwabe,ngigudlwe womunye nkosyam efakwe esikhundleni wavele wangithathisa okwesi yabhu yabhu...ngase ngimtshela ukuthi akahloniphe abantu ahloniphe nomhlaba

  • @mpumelelonkosiTv
    @mpumelelonkosiTv Před rokem +1

    God bless you Mkhulu, am inspired by your work and the enlightenment you share with us. I am learning a lot from you especially our indigenous knowledge system which school doesn't teach. Thokoza

  • @thamindlovu14
    @thamindlovu14 Před 2 lety +1

    Makhulu amazwi. Syabonga baba, makwande🙏🏾

  • @jacksonmusic8125
    @jacksonmusic8125 Před 2 lety +1

    Siyabonga Bab' Mkhize....inkosi ithele umusa
    Powerful message🙏🏻

  • @sithokozilesamke9854
    @sithokozilesamke9854 Před rokem

    Ubuhlakani obula, hhay🔥🔥🔥👌

  • @INkosi_Sandile
    @INkosi_Sandile Před 2 lety +3

    Siyabonga Baba as always....sibancane usifundisa okuningi 🙏🏾

  • @simisomsibi5458
    @simisomsibi5458 Před 2 lety

    Ngiyabonga Mkhulu, makwande

  • @siyakah
    @siyakah Před 2 lety +1

    Mkhulu syabonga ngemfundiso zakho🙏🏽👏🏽

  • @ayandashabangu1036
    @ayandashabangu1036 Před 2 lety +1

    Siyabonga kakhulu baba ngemfundiso yakho,sihleze sihlomula okunonile layikhaya

  • @xoliendlovu8363
    @xoliendlovu8363 Před 2 lety +2

    👏🏽👏🏽👏🏽Thokoza Baba, syabonga hlezi sifunda okusha ohlelweni Lashonda🙏🏽. Kodwa Baba nansindaba la naba bantu bezibulala ngapha nangapha kangangokuba intsha yethu ikubona seku iyona solution, bebona nabantu abanemali kululanje ukuthatha intambo bazilengse. Baba isichazwe ngayo yonke indlela ngesilungu depression, mental illness,disorder, sithini isizulu sethu ngalolubhubhane , ake nihlangane ningabalaphi bendabuko niphume nekhambi lokwelapha isizwe.

    • @mzwakhethenjwayo3618
      @mzwakhethenjwayo3618 Před 2 lety

      Badakwa yizidakamizwa abanye bese bezibulala,abanye bakhule ngokutotoswa soft life,amagwala impilo isiyabehlula ngoba bathambile

  • @simphiwenkosi6759
    @simphiwenkosi6759 Před 2 lety +1

    Qinisile Mkhulu. Sesilibele ukuzotha. Ngisho nabelaphi bendabuko bayagadlana ngenkulumo, kuyadabukusa 😔

  • @simphiwemngomezululambikiz2511

    Womphatha kahle omunye umuntu....... Iqiniso leli bab'Mkhize.

  • @kgaugelomojela4288
    @kgaugelomojela4288 Před 2 lety +1

    👏baba..

  • @thandanduduzo5855
    @thandanduduzo5855 Před 2 lety

    Syabonga babu Mkhize ngezimfundisozakho ngyacela ukuthi inkosi isigcinelewena.Thokoza 👏

  • @simphiwenkosi6759
    @simphiwenkosi6759 Před 2 lety +1

    Asikhulekele umoya wokuthobelana💯🙏

  • @mfanafuthimkize9859
    @mfanafuthimkize9859 Před 2 lety +1

    Siyabonga Mkhulu. Kungakuhle wenze a live presentation once a month so that we can join in and ask questions

  • @thembisilenkosi9353
    @thembisilenkosi9353 Před 2 lety +3

    Konakele kakhulu mkhulu nasemakhaya ethu ngenxa yezinfundiso ezingezona zethu,abazali bethu bavele bangafuni ukulungisa baxolela ukusishiya nezinkinga ukunokulungisa.

    • @Genoh_7516
      @Genoh_7516 Před 2 lety +1

      Umzali anqabe ngisho ususho ukuthi you will carry all the cost.

    • @thembisilenkosi9353
      @thembisilenkosi9353 Před 2 lety

      @@Genoh_7516 ngibuzwile ubuhlungu kungekho emndenini ofisa ukungisiza odabeni engishukana nalo ngenxa yokuthi ngavele obala ngathi sengifuna ukufunda ukuthi izinto zabadala zilungiswa kanjani kwabe ngiyinyathele emsileni

  • @senzonkabinde5020
    @senzonkabinde5020 Před 9 měsíci

    Babu Mkhize lokhu ngakulandela qiniso uyalikhuluma n ngifuna okukhulu.

  • @pheellomxolisikhopeli9483

    UBabas grandmother when she said "abazikhukhumezayo bazofojiswa" referring to Matthew 18 VS 10. Ngyabonga kakhulu baba.

  • @udabulaamafuaxoxenomdali8214

    Awukaze uyenje ezinyanyen

  • @thapellomashoai4521
    @thapellomashoai4521 Před 2 lety +1

    Iqiniso nje elimhlophe

  • @siphamandlagumede4825
    @siphamandlagumede4825 Před 2 lety

    Hhayi cha kuningi engikufunda la ekhaya... siyabonga mkhulu

  • @mthoshme1225
    @mthoshme1225 Před 2 lety +1

    Khaya mlambo munye

  • @FUNNYVIDEOS-uo8cr
    @FUNNYVIDEOS-uo8cr Před 2 lety

    SYABONGA

  • @mpiyakhenhlapo3913
    @mpiyakhenhlapo3913 Před 2 lety

    KRS ONE once said "the 10yr old you is responsible for the 20yr old you" and so on and so forth. FYI KRS ONE = knowledge reign supreme over nearly everybody . Word-of-mouth

  • @mziemgidi4187
    @mziemgidi4187 Před 2 lety +1

    Hayi umntu uyafunda mkhulu usuku nosuku 🙌enkosi

  • @solomondhlamini471
    @solomondhlamini471 Před 2 lety

    Ukuba bonke abahlukumezi bebengayizwa le nkulumo yakho Khabazela mhlambe bebeyophenduka

  • @nomsaledwaba8931
    @nomsaledwaba8931 Před 2 lety

    Hello sir....🙌🙌🙌

  • @nkosingiphilengcobo8885

    Umsamo Institute please fix your audio, it is very low and not of good quality

  • @noxoloxaba780
    @noxoloxaba780 Před 2 lety

    Hello. Why don't you host classes anymore?