ONDABUZEKWAYO bathula icwecwe elisha

Sdílet
Vložit
  • čas přidán 18. 07. 2015
  • Iqembu ONDABUZEKWAYO lethula icwecwe lalo Elisha elizophuma mhlaka 31 July 2015. Lolubumbano olubonakala kuleliqembu ONDABUZEKWAYO luzogqugquzela ubumbano koMaskandi emuva kokuthi lesi yisixaxa sesibili esivele ngemuva kwesoHHashi elimhlophe, Phuzekhemisi kanye noMfazi omnyama. Leliqembu lisungulwe ngemuva kokuthi uMaskandi ubusuqala ukubukeka njengePolitiki, usumaqembu qembu. Umculo kaMaskandi ubusuqala ukwehlelwa yisithunzi ngenkathi abaculi benhlakanhlaka sebeze bakuphimise ngomlomo ukuthi "nginabalandeli bami" nabalandeli bomculo sebethi "ngineQhawe lami" ebekuyinto ebeyiwubulala umculo weSintu ingawusi ndawo. Ngakho ONDABUZEKWAYO basungulelwe ukukuqeda lokho babuyise ubumbano kanye nesithunzi somculo weSintu okumele siziqhenye ngawo futhi siwuthande siweseke. ONDABUZEKWAYO bazotholakala kuzo zonke izitolo zomculo zakuleli.
  • Zábava

Komentáře • 60