Umthandazo wokuvuka Isigaba 2 nemikhakha yezolimo

Sdílet
Vložit
  • čas přidán 30. 10. 2020
  • Ungaphuthelwa yilolulozolo nezaqheqhe zomthandazo kaShembe emikhakheni wezolimo. umoya ongwcwele uthini kithi....!

Komentáře • 15

  • @mpindakunene2103
    @mpindakunene2103 Před 3 lety +1

    Kodwa bakithi abantu abanenhlahla yibo laba DR MAHAYE NO BK NIKHULUMA INDABA ENKULU .

  • @bonganinjeke7531
    @bonganinjeke7531 Před 3 lety +5

    Lawa ngamazwi kaMphrofethi u-Isaiah Shembe, uThumekile. Aqoshwa nguMshumayeli uZuma wase-Hlomani. EKuPhakameni ngoJuly 1929.
    A. “Izinyanga zizophela, izwe lonke kuzoba yingubo emhlophe. uJehova uzolanda bonke abantu abachitha lapha abangaphesheya kwezilwandle, ababuyise.
    B. Uzovusa uDavide iNkosi ezobabusa. Uthi uJehova anginitshele ukuthi uyabonga, ngoba nenze intenkulu nina sizwe sakwaZulu. Selokhu nafika nina lapha emzini waseKuphakameni, anizange nilwe. Lokhuke kuyinto enkulu kuNkulunkulu ngoba nina niyisizwe esingakwazi ukuhlala ngokuthula. Ngakhoke uthi anginitshele ukuthi uzoninika iNkosi eyothi uma ishaya umthetho lapha, uyongena eMampondweni, abantu bewujaha bewenza. Wafunda U-Hezekiel 34:24 “Mina Jehova ngiyakuba nguNkulunkulu wazo, inceku yami uDavide ibe yisikhulu phakathi kwazo; mina Jehova ngikhulumile.”
    C. “Ukube isizwe sakwaZulu bese sikholwe ingxenye ngabe ngiyasikhulu, kodwa manje aniqede ngisho umunywe owodwa lo.
    D. Niyaphenduka, ngisekhona nenza nje. Sengingasekho kuyohamba niyishiye lendlela enginifundisa yona.”Ngonyaka wokuhamba kuka-Mphrofethi emhlabeni, ngo-1935, wabiza umhlangano wamaNazaretha eThekwini, wokuthenga indawo yase Clermont. Beza nababengakholwa, kwakufike noMlungu. Kwaba yinkulumo yakhe yokugcina lena nabantu baseThekwini:
    E. “Ningasho ukuthi nginibizela uMlungu bantu bakithi. Nami bengibiziwe ngabelungu, ngomhlangano asebewenze bona bodwa. Bangibizele ukuthenga indawo, lendawo yaboke iyabiza kakhulu, kodwa umlungu ungehlulile ngezwi, wathi uMlungu,:
    F. “Wena unguyise wezizwe eziningi. Yikuphi okulula ukuba abantu ubahlaselise ngomkhonto kunokuthi ubahlaselise ngemali, ngoba uzama ukubuyisela izwe lakini?”
    G. “Ngakhumbula ukuthi oyihlo benu bafa beyizinkulungwane bezama ukubuyisela izwe, alibuyanga. Ngathi “Kungcono ukuthi sihlasele ngemali, noma libiza izwe”.
    H. Khumbulani izwi engalisho kini eNhlangakazi, lokuthi uthi uNkulunkulu izwe lenu uselibuyisela ezandleni zenu. Uma namhlanje laba ayebanike lona sebethi lithengeni, lithengeni.”
    I. “Into enkulu nina aningilandeli, ngokukholwa aningilandeli, nangezandla aningilandeli. Kukhona elokhu ngabashadisa lapha, babeka abafazi emakhaya, sebeze baguga belapha eThekwini. Ngoba niyasebenza kodwa anazi ukuthi nisebenzelani.
    J. Bekusenhliziyweni yami ukuba nginikhiphe kubelungu, nisebenze kimi, ngizondle izingane zenu nomkenu. Kuthi ekupheleni kwenyanga umuntu ngimkhombise into aseyisebenzile. Ngoba ngiyazi ukuthi nisebenza nje anazi ukuthi nisebenzelani.
    K. Uze ufe ungenalutho, izingane zakho zihambe zithetha amacala. Akukho lutho othi uma ufa izingane zakho zikucoshe ngemuva. Ngoba niyisizwe esingakwazi ukuhlupheka, into eniyaziyo inkomo kuphela.”
    L. “EThekwini ngithenge indawo, ngathi yakhani indlu ibe phezu kwenye (flats), kuthi uma kufika omkenu bafikele lapha, behlale kuleyondlu. Kuyoze kubuye mina ngakhe lezozindlu enye phezu kwenye na?”
    M. “Ngesikhathi engafika ngaso lapha ngabe seniphakela izizwe, kodwa akwenzeki. Ngoba aningilandeli, noma into ngiyenza ngezandla. Ningacabangi ukuthi niyothatha umkhonto nigwaze ukuze izwe libuye, ngeke ulibone. Nicabanga ukuthi lesisikhonyane esikhona siyoshiya utho na? siyonishiya nimpofu nithe thu! (Ngesikhonyane wayefanise abelungu).”
    N. “Uma ningenakuhlangana nibe nemisebenzi yenu, inzalo yenu yonke izobuyela eziMelika (American Board) ngeke iyethwale lemithwalo eyathwalwa yinina.
    O. “Ukusebenza kubelungu uNKulunkulu kakufunanga, akusiyo intando kaNkulunkulu ukuba nisebenze kubelungu. Intando kaNKulunkulu ukuba nihlangane nonke nibe yisizwe sakhe.” Waqeda wahlabelela isihlabelelo samaNazaretha 208:
    “Thabani, thabani bufikile ubuNazaretha. Thabani, thabani izizwe zosinda, ebezihlakazekile zizula emahlane ngezwi lakho. Buphelile ubumnyama, jabulani nithokoze zizwe nonke. Izizwe eziningi eziphansi kwezulu, sizibona zihlakazekile; zihlabelela zijabhile. Thuthuka, thuthuka buNazaretha, izizwe zomile. Zifuna ukuphuza kuwe, zikholwe zichichime ngezwi lakho.”
    • Lingakanani ibanga amaNazaretha aselihambile ukusondela esimweni esasifiswa uThumekile? / Lingakanani ibanga eselisele ukuthi amaNazaretha afike ezingeni elalifiswa uThumekile? Ngiyithandile lenkulumo yazolo lendoda inonkulunkulu

  • @zthonkomo1453
    @zthonkomo1453 Před 3 lety +2

    Mmm hhayi inhloboshiya ethela ubusika nehlobo, hha lagijima idange madoda uma bengisemncane bengiyongena kwa Agriculture 🤝

  • @mthokozisisithebe1217
    @mthokozisisithebe1217 Před 3 lety +1

    Siyabonga noDange edumele iqhube lenqola kabhombela uNyazi lweZulu lubenawe siyabusiseka kakhulu

  • @sibusisotonight6217
    @sibusisotonight6217 Před 3 lety +2

    Sacela ukubuza ku Dr mina ngiyazithanda ezolimo kodwa uma sesikhuluma nge maths iyangihlupha angikwazi ukuzibhalela ngiyabona u teacher if esafundisa wasuka infront kulahleka okuningi