Ukuzalelwa koMalume nakwaBaba | Indaba YeSintu

Sdílet
Vložit
  • čas přidán 27. 08. 2024
  • Ziningi izimo ezithinta izinto zesintu ezishiya abaningi bengazi ukuthi bazilungise kanjani kanti eziningi zazo zithinta isimo ozalwe ngaphansi kwaso.
    Sibheka izimo ezahlukene ezithinta ukuzalelwa either koMalume noma ekhaya kababa wakho.

Komentáře • 36

  • @NtontofellaMbathaNtontofella

    Ngiyabingelela, yaze yajula indaba siyabonga ngokusikhulisa ngolwazi. Ngokuzithoba ngiyacela uma kuzobakhona ubaba uBhanjwa emsakazweni kuthintwe izinto ezijule kanje, abizwe yedwa angaxutshwa namuntu.🙏

  • @S.P.H.E
    @S.P.H.E Před měsícem

    Sbonge 🙌🏾

  • @NompiloNonjabulo
    @NompiloNonjabulo Před 28 dny

    Ngicela ukbuza ukuthi maukhulele nkomalume bese beshone abafana kusale wena bengaknikani iphepho ishiswe uwe kuyenzekani

  • @ColmanLuwantshi
    @ColmanLuwantshi Před 9 měsíci

    Angithathe lelithuba ngibingele Philan Luwantshi ngicela ukubuza Uma uzalwa ngabazali abangashadile kodwa ubaba ulobolile ngikhululele kubo kababa

  • @thobilemdwayi271
    @thobilemdwayi271 Před 3 lety +4

    Another Topic @Alex is imali yelobola yenzwani or iyakubani

  • @thabaniinnocent9569
    @thabaniinnocent9569 Před 2 lety +1

    ngicela alex nike nikhulume ngengane ayathi izalwa yakhulela kubokamfana kungenziwe lutho nalezi ngane ezishiwa onina kubokamfane ngale kokulandela imigudu efanele asibonge

  • @nkosinathizulu6485
    @nkosinathizulu6485 Před 2 lety

    Siyabonga kakhulu ukusivula inqondo Luvuno

  • @simangalisondlovu1628
    @simangalisondlovu1628 Před 3 lety +6

    Eyokuthenga ingane ka nkosikaz omfice nayo ibe izalwa enye indoda ngiyafisa ibe yitopic yangelinye ilanga. Ngihlale ngizwa kuthiwa Uma umakoti Erika nengane yentombazane yakwesinye isbongo uStep father unalo ilungelo lokuyithenga leyongane yonkinto yenzelwe kwakhe lokho basuka benzelukuth uStep father adle izinkomo because wayikholhela wayithenga wayiphelelisa ingane but indaba ivele ibe la ngabe omalume bayo lengane bathini ngobaba wengane weqiniso kudayiswe ingane yabo idayiselwe abantu abangayizali mzukwana uyise wa lengane Eva nawo amandla okuyihlawula ingane kubese kuthiwani lapho?? Thanx for your show

    • @sybongawiseman7565
      @sybongawiseman7565 Před 2 lety +1

      Umbuzo okufanele uzibuze wona nanku,njengoba sazi ukuthi umuntu unethonga laseKhabo Nina nelaseKhaboYise,ilungeloke lokuthenga lithi uyithenga kukuphi uhlangothi,lolu olunye uhlangothi luthini?uyazi ukuthi isizwe sakithi sandelwe amaphara ilento yokuxhoshwa uThando bese kwenziwa izinto eziwrong.uzoythenga lengane ekhabo nina,nizwe ngobani ukuthi iThonga livumile noma Cha,and elakhaboyise yize lingenalingelo elitheni kulengane kodwa liyayazi lizoyilandela.ingane ezalwa yintombi nensizwa ingane yakoMalume qha not unless uYise wengane azokwenza zonke izimfanelo alande umtwana wakhe.kufunde lokhu ngokwesiko lesintu akaze adayise umuntu.

    • @simangalisondlovu1628
      @simangalisondlovu1628 Před 2 lety +1

      @@sybongawiseman7565 wayilamula mnewethu ngihlale ngizwa abantu qbqsezigamekeni ezinjalo youth wathengwa kaster father hhay kwathi esethola abakubo kuthiwa wavele wahlanya ngabe yini le ehlanyisayo mangingabuza

    • @sybongawiseman7565
      @sybongawiseman7565 Před 2 lety +1

      Usiko kaluthengwa Mnewethu,isibongo nesibongo sinemikhuba yaso.manje Uma kuzophambana lokhu ngokuthi uthengiwe kunempi engabonakali ezolweka kawe baese zima nse izinto zakho kube sengathi uyagula Kanti wembethwe umsamo ongafanele.abasekhabo Mama bayazibuza ukuphi,abasekhaboBaba bathi ngeke ngengane yethu.

    • @simangalisondlovu1628
      @simangalisondlovu1628 Před 2 lety +1

      @@sybongawiseman7565 kuhlale kuyintokozo ukucushisana kukezinto ngoba abantu abaningi banokuth angith siyaphila nje asinankinga kanti inkinga awuzukuybona manje uvele uyibone ekuhamben kwesikhath

    • @sybongawiseman7565
      @sybongawiseman7565 Před 2 lety +1

      Kunjalo impela,inkinga ibonakala kudala sekonakele.

  • @ntokozosibiya3536
    @ntokozosibiya3536 Před 3 lety +2

    Ndabezitha uthinta eyamakhambi ukususa abanye,yzi ngike ngayizwa angayikholwa manje sengichazelekile

  • @sibongisenimaphumulo
    @sibongisenimaphumulo Před 3 lety +2

    1.ngicela ukubuza:: umalume wathola ingane kasisi wami wayixosha,wathi ubani uzogeza umuzi uma ingane ingashonela egcekeni?
    2. Igoduso yami ngiyithole inengane ,kanti abazali bakhe sebashona.
    Ngicela ukubuza uma kungenzeka ibhubhu la egcekeni kuzofanele bawugeze yini umuzi wami?
    Nawukuthi izozilelwa kuphi ingane noma abazukulu/nezingane bayo

  • @bonginkosimbatha4302
    @bonginkosimbatha4302 Před 3 lety +1

    ANOKE NISICACISELE UKUTHI LENTO YOKULOBOLA UKHIPHE IZINKOMO UMA INGANE IKHISHWA NOMALUME.
    MANJE NJENGOBA SIKE SITSHELWE UKUTHI ILOBOLO BEKUBA INTO ENJENGOKUDLA NEZIPHO, NOMA INANI LEZINKIMO EZITHOLAKELE,. SEKUBUYAPHI UKUTHI UMA NGOKUKA SHEPSTONE SELABA ZINKOMO EZIBEKIWE, KUNGANI BESE NANGOKWASEMSAMO KUTHIWE KUYISIKO KODWWA SIBE SAKUNIKWA ABAMHLOPHE
    KUNGATHI SOHLAZA IZINCITHABUCHOPHO ZAKHO KUMELE KE ZIYOCWANINGA ZIBUYE NENTO EZWAKALAYO

  • @thabomokoena6077
    @thabomokoena6077 Před 3 lety +3

    Kujuliwe lapha.

  • @siphomazibuko6529
    @siphomazibuko6529 Před 8 měsíci

    Ngicela ukubuza uyayishisa yini impepho uma sowusele wedwa komalume

  • @MbusoMtshali-nd1mm
    @MbusoMtshali-nd1mm Před 10 měsíci

    Good

  • @bonginkosimbatha4302
    @bonginkosimbatha4302 Před 3 lety +2

    Mpunga noMntwana, uma kungukuthi ukhulele kumalume wafaka isphandla sakhona kodwa wabiza esikababa epasini, kuyazimosha yini izinto ukubiza ipasi likababa ube kanti ubikwe emsamo wakomalume???

    • @priscillauyinkuzibafongiya9966
      @priscillauyinkuzibafongiya9966 Před 3 lety

      This is complicated I did as u Dlamini esho but things went very bad mengiya kubelaphi bathi ekhaya kababa bathi ngashonaphi izinto zibheda kakhulu manje sengicabanga ukubuyela ekhaya ngoba ngakhulela khona futhi izinto bezingihambela kahle ngisakithi mybe kwakufanele ngibike before ngiyofakwa esibongeni sagogo manje I have go so far ngezinto zakagogo they iven give me ivume yokushisa impepho mangabe kuphuthuma ngoba umuzi owa mah ongizalayo ongasekho ngoba bona bakude nala kwakhe khona umah manje things ziyabheda kakhulu sengibona kugcono lah ngakhulela khona ekhaya lika baba ngoba nakhona akusekho muntu khona sebadlula bonke obaba sekusele o Aunt nabo sebesemzini yabo siza mpunga ungisize ngezenjani nami angikhishwe lapha komalume la mama

    • @priscillauyinkuzibafongiya9966
      @priscillauyinkuzibafongiya9966 Před 3 lety

      Lento iyangishaya ngimelwe yiqondo ngoba ngeza njengoba ehlezi ecaza umpunga kodwa kwabheda kakhulu manje ngiyabona ziyaphela izinto zami zonke kancane kancane

    • @sybongawiseman7565
      @sybongawiseman7565 Před 2 lety

      Cha ukubuza epasini akuzimoshi,Uma ugcinelwa isintu esisekelweni sakho koMalume la uzalelwe khona ukubizwa ngesibongo sekhabo yihlo kuyefana nje negama.okungafuneki ukuyofaka iphandla koYihlo ekubeni izimfanelo zonke zingenziwe.

  • @SihleGambu
    @SihleGambu Před 2 lety +1

    Angibingelele kobaba
    Uma umama womntwana wayisa umntwana kubaba okungasiye ngenhla yezinhloso zakhe. Ingane bayihlawula and bazikhulisela noma bengayithenganga but yenziwa wonke amasiko akhona. Kanti ingane ifana nse nobabayo lowegazi. Ithi besikhulile bese kuyavela ukuthi eyakuphi. Ubaba lowayikhulisa washona ekumalungiselelo okuyithenga ngokugcwele ukuze ishadelwe kusona isibongo sakhe. Ilungiswa kanjani leyonto? Obabomncane bayaqubeka ngalokhu ebesekuqalile ubaba ivese inyathelwe nje lento, Ingane iqubeka ngaso isibonga sababa oyikhulisile or ibuyela kwesomalume? Iyiphi imigudu yesintu elandelwayo?

    • @sphokazindlala6292
      @sphokazindlala6292 Před 7 měsíci +1

      Abakomalume bayahamba bayoshweleza, bahlawule ingane iphinde komalume,mayifika komalume yenzelwe imbeleko khona ayiphindi kobaba wayo wegazi ngoba ayihlaeuliwe

  • @mawandemrali2425
    @mawandemrali2425 Před 2 lety

    Hayi niyayibeka lentotho ndinimamele

  • @ayaground
    @ayaground Před 3 lety

    Uma ingane izalelwe ekhaya kwendziwa njani mase imithisa I ntombi? Ingaba indaba yokumithisa kwayo ixoxwa NOMA ilungiswa njani uma ibikhuliswe uGogo noMkhulu kodwa ibilokhe ivakssha kaboyise.

    • @sybongawiseman7565
      @sybongawiseman7565 Před 2 lety

      Lelokhaya ezalelwe kulo okuyilona sisekelo sakhe lo omithisile yilo eliyoxoxa udaba lokumithisa kwakhe.

  • @lindiwembatha8410
    @lindiwembatha8410 Před rokem

    Ngicela ukubuza ukuthi uma washonelwa izingane zacwatshwa ekhaya kuka yise wenzenjani uma usukhishwa ngokosiko kanye nalaba abaphilayo kwenziwa njani ngoba ngicabanga ukuthi lezi eziphilayo ziyakhishwa ngisiko lezi ezikubo already yenziwa njani into yazo zikhishwa kanjani or ziyayekwa ngoba sivele zikubo?

  • @nokwazimakukula8958
    @nokwazimakukula8958 Před 3 lety

    Ngbingelele kobaba bonke estudio.
    Sacela ukbuza in cases like ukhulele kini and umama nobaba wakho bagcina ngokbhala then wena all u know ukuthi uzalelwe emshadweni then u later find out ukuthi kwaylesbongo sakini osaziyo wena aksiso esababa wakho naye wayefike nonina azogana naye la wagcina embiza ngalesbongo what do u do uklungisa lesosimo?
    Okunye engicela ukukwazi kobaba ukuthi ukhulele ekhaya komama waktshela isbongo sababa wakho and kwi ID ubiza isbongo salobaba but after umama wakho edlula emhlebeni uthola izinto zakho ziya ngokvaleka then u later find out mawhamba abantu ukuthi lesbongo sababa wakho aksiyena ubaba lowakhula umazi wena but unobaba wakho nje ongakaze utshelwe ngaye and uthola ukuthi usubangwa zidalwa ezintathu okungesasekhaya komama esala wakhula wazi ukuthi ungowakhona nalesi osanda kthola ngaso manje ukuthi isona sbongo sakho. Uylungisa kanjan leyonkinga?
    Ngingabonga kakhulu if ubaba kebeybuyekeze indaba yalama topic coz baningi abantu abadidekile ngalendlela yokuthi they end up taking their own lives just because izinto zabo azlungi

  • @ayandashange8087
    @ayandashange8087 Před 2 lety

    Ngicela ukubuza, ngizoshada kodwa ngizalele ekhaya abafana ababili sahlukana no baba wabo, ubaba wabo ufuna ukubalobola, angaba lobola ngomalini? Izingane sizebensiza isbongo sam and azifuni ukushintsha isbongo kuvumelekile na even though ubaba wabo eseba lobolile?

  • @danielmseleku5437
    @danielmseleku5437 Před rokem

    Bongani Mseleku... ngicela ukubuza mina umama washada kodwa mina naye asikhishwanga komalume...nanko umbuzo njengoba umalume engasebenzi..ngingazithengela mina isilwane noma kumele kube umalume othenga isilwane?

  • @musazulu6299
    @musazulu6299 Před 2 lety

    Ngicela ukubuza umama washona engaganile ehlala kubo, ubaba angimazi.kodwa wathi ngingowakhwa Zulu nalapho esengithathela ipasi wasebenzisa umuntu wakwa Zulu kwaba nguye ongenzela ipasi.kodwa ngihlala ekhaya kwamama .ubuzo wami uthi uma sengifuna ukuphuma ekhaya kwamama ngizosebenzisa siphi isbongo.ngoba epasini ngibiza u ZULU ?

  • @qinisomkhize2234
    @qinisomkhize2234 Před 2 lety

    Ey yabona lento yesizulu complicated

  • @NtontofellaMbathaNtontofella

    Ngiyabingelela, yaze yajula indaba siyabonga ngokusikhulisa ngolwazi. Ngokuzithoba ngiyacela uma kuzobakhona ubaba uBhanjwa emsakazweni kuthintwe izinto ezijule kanje, abizwe yedwa angaxutshwa namuntu.🙏